UNOLUTHANDO Ngema waseMgungundlovu, omunye wabalingisi abagqame emdlalweni Ithonga, osekuvele izindaba zokuthi uyaphela lo mdlalo kuleli sonto
Image: Sithunyelwe
KUPHOQE ukuthi uqedwe ngemuva kokuthi ulahlekelwe ababukeli umdlalo Ithonga, okhonjiswa kuMzansi Magic, ngo-8.30 ebusuku phakathi nezinsuku, njengoba isiqephu sokugcina sawo sizobonakala ngoLwesihlanu.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulesi siteshi, uveze ukuthi ukuqedwa kwawo usakhonjiswe isizini eyodwa kuphela eneziqephu ezingu-260, yingenxa yokwehlelwa ababukeli ngendlela eyisimanga.
"Ababukeli bawo bawuthakasela lo mdlalo usaqala ukukhonjiswa kodwa ukuba khona kwezinguquko kuwona njengoba kwashintsha udaba olwaluxoxwa kuwo usaqala, yikhona okwaletha ukungajabuli kubabukeli, wehla ngendlela emangalisayo," kusho umthombo.
Uthe umdlalo i-Genesis, akukho obekutheni ngawo njengoba yize ubungenaso isimanga kwabaningi kodwa kukhona akade bewuthakasela.
Uveze ukuthi yingakho bekhethe ukuwuqeda izinombolo zawo zingakehli kakhulu.
UPhathutshedzo Makwarela ongumbhali nomsunguli womdlalo Ithonga, uveze ukuthi baqale umdlalo bexoxa udaba lukaSanele noBanele (Bonko Khoza), abebazi ukuthi njengoba luqala luzoba nesiphetho ngesizini eyodwa kuphela.
“Kube yinto ejabulisayo kithi ukwenza umdlalo walolu hlobo, sisebenze nawo wonke umlingisi esimkhethile, bawenza waba yinto ejabulisayo neveza udaba olwenzeka emiphakathini ehlukene. Konke obekwenzeka kuwo nokushintshashintsha kodaba oluxoxwa kuwo, kube yinto enhle kakhulu ukuyenza. Siyabonga kubabukeli bethu abenze lolu hambo lwaba olungeke silukhohlwe ngabebekusho ngalo mdlalo," kusho uPhathu.
USinini Mati ongumsunguli womdlalo i-Genesis, uveze ukuthi lolu hlobo lomdlalo balusungula ngenxa yokusondeza indlela ehlukile yomculo wokholo emakhaya ahlukene.
"Ukhuluma ngebhizinisi lomculo wokholo nezinto ezenzeka kulona ngakho ubuyinto ehlukile kakhulu kwejwayelekile emidlalweni esike saba nayo. Besizibekele umgomo wokuthi sifuna ababukeli bawo bakhulume ngani, ngempela lokho kwenzakele, sikubonile ezinkundleni zokuxhumana. Okunye esikujabulele ukuthi kuwona siwenze waba yilokhu esikufunayo ngokuletha abaculi bokholo kuwo okukhona kubo uMmatema Moremi, Thinah Zungu, Mjakes Thebe, Lebo Sekgobela, Xoli Mncwango, Mthokozisi Dube, Mpumi Mtsweni, ngisho iNdlovukazi kulo mculo uRebecca Malope."
UTebogo Matlawa, okhulumela iMultiChoice Group a CANAL+ company, unxuse ababukeli ukuba babuke isiphetho sale midlalo emibili njengoba bezobona into abangakaze bayibone ngaphambilini.
Uthe bayabonga kuzona zonke izinkampani ezifake isandla ekwenzeni le midlalo.
UMzansi Magic ngesonto eledlule, umemezele ukuthi umdlalo Inimba, obukhonjiswa ngo-9 ebusuku, usuzovala isikhala seThonga, njengoba usuzongena ngo-8.30.
Umthombo weSolezwe uveze nokuthi kukhona imidlalo ephekwayo emincane ezongena ngo-9 ebusuku neminye emikhulu ezomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Related Topics: