ISIFEZE isicelo sikayise indodana kaMusa Mseleku endala uMpumelelo njengoba isithe izowulungisa umuzi oseMzumbe okumangale abaningi kuvela ukuthi usesimeni esinjani selokhu kuhambe amakhosikazi
Image: Instagram/Musa Mseleku
ISIVEZE ukuthi izobuyela ekhaya lakubo elikhulu elizeMzumbe, indodana endala kaMusa Mseleku, uMpumelelo, ngemuva kokuvela kwesiqephu esishiye abaningi bemangele ngendlela umuzi obukeka ngayo, njengoba kungasahlali muntu khona.
Eziqeshini zokuqala zakamuva uMseleku aveze indlela ezinye izindlu, kuleli khaya eseziyiyo, wathi ngemuva kokuthi amakhosikazi ewathengele imizi emisha umuzi usale unganakiwe.
Waveza ukuthi amadodana akhe awasekho eMzumbe, uMpumelelo uhlala eBallito.
Waphinde wathi uLwandle, yena usejwayele ukuhlala ekhaya kubo kanina uMaCele, naye akekho ekhaya abethembe ukuthi bazosala kulo.
UMseleku waze wacela uMaCele ukuthi akhulule noLwandle, ukuze ajwayele ukuzohlala eMzumbe ngoba izindlu ziyakhombisa ukuthi akusekho muntu.
Izolo uMpumelelo uphumele obala ezinkundleni zokuxhumana wathi njengokusho kukayise ohlelweni, usekhethe ukuthi abuyele ekhaya ayolungisa isimo esingesihle esivele ohlelweni.
"Njengoba isikibha sami sibhaliwe akukho lula, kodwa ubaba uvezile ukuthi umuzi wasekhaya ufile. Ngakho sengikhethe ukubuya ngizolungisa umuzi ngenxa yokuthi kwathiwa awukho esimeni esihle. Wathi izindlu azikho esimeni namathangi amanzi nawo ayabonakala ukuthi awekho esimeni, kodwa sengifikile qathatha, konke kuzobuyela esimeni, konke kuzovuka," kusho uMpumelelo.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bazwelane noMusa, bekhalela amandla akhe bethi umuzi, onezindlu ezingaphezu kwezine zamakhosikazi akhe, usuzoba umhhume wabaphangi.
UMseleku waveza ukuthi kulo muzi ubefisa ukuthi kuzohlala unkosikazi wakhe asanda kumlobola uMaKhwela, kodwa kunzima ukuthi amlethe njengoba amanye amakhosikazi engakamamukeli.
Kulolu hlelo kushubile kulezi zinsuku njengoba zingahambi kahle izinto phakathi kukaMseleku nonkosikazi wakhe wesithathu, uMaKhumalo, ngenxa yakhe uMaKhwela.
Related Topics: