Ezokungcebeleka

Akucaci ngekusasa lomdlalo Amalanga Awafani

Nokubongwa Phenyane|Published

ABALINGISI bomdlalo Amalanga Awafani osekuvele ukuthi badunguza ebumnyameni ngekusasa labo kulo mdlalo muva nje, njengoba kunezinyanga manje bengaqophi

Image: SIGCINIWE

KUVELA ukuthi badunguza ebumnyameni abalingisi bomdlalo Amalanga Awafani, okhonjiswa phakathi nezinsuku kwiSABC1 ngo-6.30 ntambama.

Lokhu kulandela ukuthi Isolezwe lithole izindaba zokuthi ukuqopha lo mdlalo kwagcina ngoNovemba wonyaka odlule, kuphela isizini yokuqala.

Iziqephu ezikhonjiswa manje, kuvela ukuthi kulindeleke ukuthi ziphele ngo-Ephreli, nokungacaci ukuthi umdlalo uyaqhubeka noma cha, njengoba kungekho isivumelwano esisha phakathi kweSABC nenkampani eqopha umdlalo iStained Glass.

Umthombo weSolezwe uveze ukuthi konke kuphakathi kwenkampani iStained Glass neSABC, okuyibona okumele bathathe isinqumo.

"Khona akwaziwa ukuthi kuzokwenziwa njani, ukuya phambili. Kukhona abathi ngathi izingxoxo ziyela ekutheni umdlalo uqhubeke njengoba iSABC, ingenalo icebo lokuthi lesi sikhala bazosivala ngani. Okubi ukuthi iSABC ikhala ngokuthi umdlalo awenzi kahle uma kuziwa kubabukeli yikhona kube khona izingxoxo ezithathe isikhathi eside phakathi kwalezi zinhlangano zombili," kusho umthombo.

Uveze ukuthi ngasekupheleni kwale nyanga kungenzeka abalingisi bonke nabasebenzi babizwe ukuthi bezoqhubeka nomsebenzi wabo.

Omunye umthombo ongaphakathi enkampanini iStained Glass, uveze ukuthi umdlalo uzoqhubeka ngokwamahebezi abawezwa kamuva.

"Khona bekukhona ukungaqondakali ukuthi kwenzakalani muva nje, ngesikhathi begcina ukuqopha abalingisi bekumele bahlale inyanga eyodwa kuphela bephumule ngemuva komsebenzi omude akade bewenza. Kodwa manje sebehlale izinyanga ezintathu, nakanjani kulindeleke ukuthi ekupheleni kwale nyanga babuyele emsebenzini uma sekuqedwe konke," kuchaza umthombo.

UCaroline Phalakatshela weSABC, uthe akukho angakusho okwamanje okuthinta lo mdlalo, kodwa balinde abasezinhlakeni eziphezulu ukuthi babatshele okuya phambili ngalo mdlalo.

Ucele Isolezwe ukuthi limthumelele imibuzo ethinta lolu daba.