UNomcebo "Dot" Mthethwa osephike oyobudlelwane bezothando nokuthi ushade nomdlali webhola uKhama Billiant
Image: Instagram
UMLINGISI ophinde abe wumculi uNomcebo "Dot" Mthethwa usezikhahlele ngazo zombili izindaba zokuthi usothandweni oluvutha amalangabi ngowayengumgadli weKaizer Chiefs neSundowns, uKhama Billiat.
UNomcebo kulezi zinsuku olingisa emdlalweni okhonjiswa kwiSABC1, phakathi nezinsuku othi Amalanga Awafani, uthi ubesethule isikhathi eside kulokhu kuvela lezi zindaba, manje usebona kungcono aphumele obala.
Ésitatimendeni asikhiphele abezindaba uveze ukuthi ubethule ngoba efuna ukubhekana nemisebenzi ayenzayo, ekholelwa ekutheni la mahlebezi azoshabalala kodwa lokho akwenzeki.
“Kodwa ukuthula kwami ngikholelwa ekutheni yikhona okungilimazile, ngoba abantu bebebona sengathi ngintekenteke. La manga alokhu eqhubeka ngokushiwo ngami, asengime emphinjeni, njengoba elimaza umsebenzi engiwenzayo, futhi kudala ukhwantalala emndenini wami nakumina uqobo," kusho uNomcebo.
Uthe ukhuluma kanjena nje ngoba kukhona abezindaba abalokhu belubelesele lolu daba, lokuthi angase abe unkosikazi wesibili walo mdlali, okuyimanje ugijima kwelinye lamaqembu angakubo eZimbabwe.
160530F_PSL_Awards_Rw Khama Billiat
Image: Ryan Wilkisky/BackpagePix
Kulesi sitatimende uNomcebo uthe yena akashadile, futhi akaze ashade naphambilini.
“Angikubeke kucace, ukuthi angishadile futhi angikaze ngishade. Kusukela manje ngeke ngivumele kulokhu kuqhutshekwa nalezi zinsolo, ngenxa yokuthi zidicilela phansi igama lami. Okokugcina ngilukhuluma ngalolu daba. Uma kuke kwaba khona abaqhubeka nalo noma kuphi kuyongiphoqa ukuthi ngithathe izinyathelo zomthetho," kuchaza yena.
Emculweni le ntokazi isike yasebenza nabaculi okukhona kubo uMusa Sukwene owadla umhlanganiso ohlelweni ama-Idols SA.
Benza ingoma ethi Isithembiso ngo-2020 ngonyaka ofanayo uNomcebo wakhipha enye ethi Volcano, eyayinesigqi seGqom.
Uveze ukuthi kwamsiza ukusayina enkampanini iPanda Records njengoba umsebenzi wakhe wenza kahle kakhulu.
Emculweni uthe uke wathatha ikhefu leminyaka emithathu, esazama ukulungisa izinto njengoba manje esebuyile futhi esanda kukhipha i-albhamu ethi The Journey, neyisiqalo esisha endimeni yomculo.
Related Topics: