UZweliyanda Mtshali oyindodana yomculi kamaskandi Ichwane Lebhaca obulawe abalamu bakhe nokungacaci ukuthi bekubangwani
Image: Sithunyelwe
UMCULI kamaskandi, iChwane Lebhaca, uthi ufuna ubulungiswa kuboshwe abalisa abashaye babulala indodana yakhe ngensimbi ekhanda, ngoba beyithole ihleli nodadewabo akade ineminyaka ithandana naye futhi benengane.
UZweliyanda Mtshali (36), obedume ngelikaMfo kaChwane, kuthiwa uhlaselwe abafowabo bakanina wengane yakhe, ehleli naye emqashweni, e-Ashdown, eMgungundlovu, lapho akade esebenza khona.
Likhuluma neSolezwe, iChwane Lebhaca, liveze ukuthi kubuhlungu ngoba, kalazi ukuthi indodana beyenzeni kulaba balisa, okuthiwa bebelwa ngendlela eyisimanga bengachazi ukuthi kwenzenjani.
"Uma sizwa ngabangani bakhe, abesebenza nabo bathi ufike kubo eseshaywe yilaba balisa futhi besamlandela belwa befuna ukuqhubeka bamshaye. Nabo bayasho ukuthi akukho abatshele khona athe kuholele ekutheni kube nempi engaka engagcina ikhiphe isidumbu. Bathi ufike kubona eselimele wabatshela ukuthi ushayeke ekhanda ngensimbi," kusho iChwane Lebhaca.
Uthe omunye wabangani bakhe alale kuye, umtshele ukuthi usacela ukulala endlini yakhe ngenxa yokuthi uyasaba ukubuyela kweyakhe, ngoba kungenzeka babuye abalisa abebembhonya.
"Lo zakwabo uthe balalile wamtshela ukuthi uzovuka ekuseni aye emtholampilo, ekuseni usitshele ukuthi bavukile wamcela ukuthi ambike emsebenzini, kodwa esekhala ngokukhathala. Umshiye endlini nokuthe esemfonela embuza ukuthi uhambe kanjani emtholampilo wangabe esalubamba ucingo lwakhe, kuthe uma bebuya bezombheka bathola esethule khona endlini kamngani wakhe," kusho yena.
Abafowabo bowesifazane uthe namanje basagcwele amathafa, kodwa akufunayo wukuthi baboshwe futhi babatshele ukuthi yini eholele kulesi sigameko.
Owesifazane uthe naye bebengakakhulumi naye, njengoba egcine ehambe namaphoyisa eyokwenza isitatimende ngakwaziyo.
UMfo kaChwane uzakhele igama kwabaningi elandela ezinyathwelweni zikayise ngomculo kamaskandi, ugcine edla umhlanganiso wakhala wamuka nesicoco emcimbini owawenziwe owayengumsakazi woKhozi FM, uBhodloza Nzimande.
Kulowo mncintiswano owawaziwa nge-Owethu Music Talent Search wamuka nemali engango-R50 000.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, u