Ezokungcebeleka

OweGagasi ukhala ngabamthumelela ama-nudes

Charles Khuzwayo|Published

US'PHOKUHLE Luthuli okhala ngabamxina ngama-nudes ezinkundleni zokuxhumana

Image: FACEBOOK

UMSAKAZI weGagasi FM futhi olingisa kuZalo, uS'phokuhle Luthuli, ubhoboke ngokumxosha ezinkundleni zokuxhumana.

Ekhuluma kwiPodcast, Radio & Stuff, uS'phokuhle (23) uthe ubalekiswa ngabesifazane abahlale bemxina ngama-nudes (izithombe benqunu).

"Angifuni ukuqamba amanga. Yingakho ngithi izinkundla zokuxhumana angizikhonzile ngoba kwesinye isikhathi ukuthi uyangena kwi-Instagram, sekunama-nudes ongawazi ukuthi aqhamukaphi. Avele avumbuke nje ama-nudes."

Uthe uvamise ukushaya amakhala uma ezithela emananazini abantu besifazane ngoba ubengawatholi engakadumi. US'phokuhle, osakaza Umsindo Take Over ngoMgqibelo, uthe okumshaqisa kakhulu ukuthi amanye ama-nudes avela kubantu besifazane abashadile futhi abanye basuke bengazifihlile ebusweni.

"Ngithuka abanye sengihlangana nabo. Amahloni ababa nawo uma sebengibona."

Abanye basuke belindele ukubona umuntu wesilisa omude kodwa bashaqeke sebethola ukuthi ungumfana omfishane. Uthe abanye abantu besifazane bafike bamcele izinombolo ngoba bethi benzela izingane zabo.

"Inkinga uma ngike ngabona into ethi view once sesigejene. Yini lena oyisendayo ofuna ngiyibone ngedwa futhi kanye. Uma ngike ngaphuma kuyo angisayiboni."

US'phokuhle uthe okumenza angangeni ezilingweni ukuthi unezinqumo azithatha nabangani bakhe futhi nonina uhlale emluleka ngabantu besifazane. Leli ciko libuye lidlale indawo kaSbongiseni, oyindodana kaCaptain Mondli Mdlalose kuZalo.

US'phokuhle udabuka eMelville, ngaseHibberdene, kodwa wakhulela eMthwalume. Uphothule u-matric eNational School of the Arts maqede wajoyina isiteshi somphakathi iRadio Sunny South njengomfundi wezindaba ngaphambi kokufundela ukusakaza eVusi Letsoalo Academy.

Emuva kwalokho waqala ukuhambisa ama-demo eziteshini ezinjengeGagasi ne-East Coast Radio kodwa bengamnaki. Wathi xinti kuma-Call Centre ngaphambi kokuwalaxaza phansi esethole imisebenzi yamaphupho akhe.

Uthe wajabula kabi kuqhamuka komncintiswano iGagasi FM Rising Star Presenter Search ngo-2023 ngoba wagcina edle umhlanganiso. Uthe uthando lokulingisa lwamngena esafunda uGrade 7, echazwa yindawo kaMazwi (Menzi Ngubane) emdlalweni uBambo Lwami. Ubuye walingisa efilimini ethi Amathambo. Usenaye owesifazane azimisele ngokumshada.

US'PHOKUHLE Luthuli okhala ngabamxina ngama-nudes ezinkundleni zokuxhumana

Image: FACEBOOK

US'PHOKUHLE Luthuli okhala ngabamxina ngama-nudes ezinkundleni zokuxhumana

Image: FACEBOOK