UMPENDULO Dube othi uyoqhubeka neziqu zakhe njengoba esephumile ohlelweni i-Big Brother Mzansi
Image: Sithunyelwe
UBENGAFUNI ukugqamisa ukuthi ukhonza ebandleni lamaNazaretha, uMpendulo Dube (22) waseJolivet, ngaseMzinto, uhambo lwakhe olufinyelele emaphethelweni ngeSonto, ohlelweni i-Big Brother Mzansi.
UDube owaba nebhadi ngonyaka odlule, wakhishwa ozakwabo ngokuthi bangamvoteli, ube nenhlanhla wathola ithuba lesibili lokubuyela endlini ka-Big Brother, wagcine ehlale kule ndlu amasonto amahlanu.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi yize engajabule ngokuphuma kodwa ujabule ngokuthola leli thuba, uyazi ukuthi ziningi izinto ebezingamenza aye kude, abengafuni ukuzigqamisa.
"Ukuba yiNazaretha bengingafuni ukukugqamisa ngenxa yokuthi bengingafuni ukuzithola sengiphendula imibuzo eminingi ethinta ibandla kwabanye akade sinabo endlini. Bengigcina nje ngibatshela ukuthi bangiphakele ukudla okubili uma kunguLwesihlanu kuphela, ukuze ngikwazi ukugcina imithetho yebandla. Kodwa bengingafuni ukukhuluma ngakho kuze kube ngathi kukhona engifuna ibandla lingenzele khona. Bengithanda nje ukuthi ngibe ulo muntu engiwuyena ngikhululeke," kusho uDube.
Uthe njengoba esephumile endlini manje azokubheka kakhulu ukuqhubeka nemfundo njengoba enza iziqu zeDigital Arts, eNyuvesi yaseWits, khona eGoli.
"Manje ngifuna ukuqhubeka neziqu zami, ebengisazibeke eceleni ukuze ngiqhubeke nalolu hlelo. Kodwa ngoba sesilana sikhona manje, abazali babheke thina ukuthi sibanakekele ukuya phambili ngakho nami ngizoqhubeka khona lapho ukuze ngikwazi ukunakekela ikhaya. Uma kukhona izinkampani ezifuna ukusebenza nami nazo ngizosebenza nazo kodwa imfundo iyona engizoyibeka phambili," kuchaza yena.
Okwamanje uthe ngeke aze akhulume kakhulu ngokuthi buzoqhubeka yini ubudlelwano akade enabo endlini noKokki, njengoba manje sebengaphandle bonke.
Ngokubona kwakhe, uthe umkhaya wakhe uThandeka usemathubeni amakhulu okuthi adle umhlanganiso ngenxa yokuthi wenza le nto ethandwa ngabantu yokungabahlalisi kahle abanye ozakwabo endlini.
Uthe noma le ntokazi ingamazi omunye umuntu futhi ibukelana phansi kodwa uyakholelwa ukuthi inabalandeli abaningi.
Abanye athe bangathatha lesi sicoco uBravo B noRamona.
UDube akuyena kuphela ophumile ngeSonto, uNeliswa naye ekhonjwe indlela kungazele muntu
Ngemuva kophenyo olunzulu olwenziwe kulandela isigameko sangoMgqibelo ebusuku, la kube khona ukujikijelana kwamazwi phakathi kukaQue noDidi, kwaze kwangenelela uNeliswa endlini ka-Big Brother, kugcinwe kujeziswa yena uNeliswa.
U-Big Brother ukhethe ukuthi amxoshe ngaphandle kokunanaza uNeliswa, wathi uthathe lesi sinqumo ngemuva kokulubheka kahle udaba lwabo njengoba uNeliswa eshaye uQue elele embhedeni waphinde wathatha izinwele ezikhethekile wafuna ukumshaya ngaso.
Uthe lokhu akwamukelekile endlini yakhe futhi kuyinto engaxolelwa njengoba okwenzayo eba yingozi kwabanye.
Ube eseshaya ngoswazi oluncane uDidi noQue ngamazwi abawashilo komunye nomunye
Related Topics: