Ezokungcebeleka

Banezifiso ezehlukene abaseKZN abangenele uhlelo i-Masterchef

Nokubongwa Phenyane|Published

UBANDILE Madinane ozoba ngomunye wabasuka KwaZulu-Natal, ozobe esohlelweni iMasterchef South Africa ezoqala kwi-e.tv kule nyanga

Image: Sithunyelwe

BANAMAPHUPHO okuqala awabo amabhizinisi okupheka abaKwaZulu-Natal, abamele lesi sifundazwe ohlelweni iMasterchef South Africa.

Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luqale ukubonakala kwi-e.tv ngoFebhuwari 22, ngo-6 ntambama.

Kulindeleke ukuthi iKZN imelwe uBandile Madinane, Calvin Silson, Suhael Raghunath baseThekwini, uSimele Shange waseNewcastle, uNkululeko Ngubane waKwaDukuza nabanye.

Ekhuluma neSolezwe, uBandile (31) waseClermont, uthe umdlandla azowukhombisa kulolu hlelo ngenjabulo anayo ngokuba yingxenye yalo, yikhona akholelwa ukuthi kungamenza anqobe.

Simele Shange

Image: Sithunyelwe

"Ukudla ngenye yezinto engizithandayo, yize ngiyiciko elithanda imfashini ngiphinde ngibe umsakazi kodwa ukugxila ekudleni yikhona engibone ukuthi kengikwenze okwamanje. Mina ngehlile esisindweni somzimba ebengiyisona nengiyiso manje. Ngakho ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi ungadla noma yini oyithandayo ngendlela engakwenza ungaguli, uphinde uzigcine uphilile. Ngakho ngiya kulolu hlelo nezinto eziningi engifuna ukuzigqamisa," kusho uBandile.

Uthe okunye azogaba ngakho ukupheka ukudla kwesintu ngendlela abaqeqeshwe ngayo kulolu hlelo njengoba kudingeka ukuthi ube nobuciko, ungakwenzi ngendlela ejwayelekile.

USimele uthe uzokhombisa intsha eqhamuka noma ikuphi ukuthi uma unephupho ngelinye ilanga, ungagcina ulifezile uma nje unethemba.

"Sesifikile manje isikhathi sokuthi noma ubani afeze amaphupho akhe, okuyinto ebingelula kuqala. Ngiza nokungahlukile kakhulu njengoba nami ngifuna ukuqhakambisa ikhono lami lokuthatha ukudla okulula okuphekwa nsuku zonke kodwa ukwenze ngendlela ezoshiya amajaji ebambe ongezansi. Nginxusa wonke umuntu onekhono ukuthi ake abheke ukuthi angayizama kuphi inhlanhla bese efeza lawo maphupho akhe," kuchaza uSimele.

UNkululeko uthe kudala ayezama inhlanhla ezinhlelweni ezehlukene zokupheka kodwa manje uyakholelwa ekutheni ufike kwelizofezekisa amaphupho akhe.