Ezokungcebeleka

Zihamba kahle izinto emdlalweni iSkeem Saam

Nokubongwa Phenyane|Published

UTHALITHA Ndima ozobonakala elingisa indawo kaBabalwa emdlalweni iSkeem Saam

Image: Sithunyelwe

USUBALWA nemimye imidlalo ethandwa kakhulu kuleli umdlalo iSkeem Saam, okhonjiswa kwiSABC1, phakathi nezinsuku ngo-7.30 ntambama.

Lokhu kulandela izindaba ezimenyezelwe abakwaSABC zokuthi muva nje isibalo sabantu ababukela lo mdlalo sesifinyelele ku-4.5 million.

I-SABC iveze ukuthi abekho abantu okumele ibabonge ngale mpumelelo kodwa ibonga abalingisi abazinikele emsebenzini wabo, nokwenza umsebenzi oncomekayo wokulingisa into ethinta abantu ngqo.

"Sibonga inkampani eqopha lo mdlalo iPeu Communications ngomsebenzi wayo oncomekayo. Iziqephu zalo mdlalo zigcina ababukeli bethe njo kuwo usuku nosuku, belindele ukubona ukuthi yini ezokwenzeka. Kuningi okusaphekwa kuwo okuzayo esingangabazi ukuthi kuzoqhubeka nokugcina ababukeli benezingxoxo ezinkundleni zokuxhumana ngisho nasemakhaya," kusho iSABC.

Kwenzeka lokhu nje, kulo mdlalo bamatasa kulezi zinsuku kumenyezelwa abalingisi abasha abazoba yingxenye yawo.

Ngesonto eledlule bethule umlingisi ozakhele igama emdlalweni iThe River, uLungile Mofokeng owethulwe njengomunye wabalingisi abaqale izolo kulo mdlalo.

Muva nje, bethule intokazi ebisathathe ikhefu emkhakheni wokulingisa uTalitha Ndima, izoqala kuleli sonto kulo mdlalo nalapho izolingisa khona indawo kaBabalwa Jaceni.

UTalitha uveze ukuthi uBabalwa ungowesifazane owaziyo ukuthi ufunani empilweni, futhi akazibukeli phansi.

"Akafuni ukuxhashazwa ngabantu njengoba esemkhakheni wamabhizinisi, adinga ukuthi usebenze nabantu kakhulu. Uyawuthanda umsebenzi wakhe wokuhlela imishado, imicimbi emikhulu nokunye. Ufuna konke kuhambe kahle futhi uyazazi ukuthi umsebenzi wakhe uwenza ngokuzimisela. Wenza noma yini ukuze kungabi bikho okumvimba endleleni yakhe. Ngakho ukulingisa indawo efana nalena kungijabulisile ngoba uBabalwa unesibindi futhi akadinge kuncetheza ," kusho uTalitha.

Uthe yindawo ezoba khona isikhathi kulo mdlalo ngakho abantu basazoyithakasela.