Uzokwethula iziqephu zokugcina zohlelo iThe Real Housewives Ultimate Girls Trip: Africa ezokhonjiswa kwiShowmax ngasekupheleni kwale nyanga
Image: Sithunyelwe
UMETHULI wezinhlelo waseMlaza, uMablerh, uthe ukwethula izinhlelo ezimbili zokugcina zohlelo iThe Real Housewives Ultimate Girls Trip: Africa, kuye kusho ukukhula futhi ngenye yezinto aziqhenya ngazo ezenzeke kuye kulo mkhakha.
Iziqephu ezimbili zokugcina zizokhonjiswa kwiShowmax ngasekupheleni kwale nyanga.
UMablerh bese kujwayelekile ukuthi aphathe lolu hlelo, kwezakuleli kuphela.
Kodwa kuzobe kuqala ukuthi aphathe olunabesifazane abaqhamuka kwamanye amazwe ase-Afrika.
Akuthembisile wukuthi akukho azokushiya ngaphandle okwenziwe yilaba besifazane ngesikhathi behlangene eBrazil, nokudingeka izimpendulo ezingxonxweni ababa nazo, izingxabano nokunye okuhlukene okwenzeke ohlelweni.
"Izinhlelo ezifana nalezi yizona ezibeka izwe lethu i-Afrika ebalazweni futhi zikwezihamba phambili ngokubukwa kwamanye amazwe. Kule sizini egoqwa manje kube kuningi okuhle nokusha umuntu akubonayo okuqinisekisa ukuthi njengezwekazi i-Afrika sesiyakwazi ukwenza izinhlelo ezisezingeni eliphezulu, nokufakazelwa yizibalo zababukeli. Le sizini ibigcwele konke okufunwa abantu ezinhlelweni zalolu hlobo," kusho uMablerh.
Uthe ababukeli abalindele lokhu abakufunayo kuye, njengoba ezobe ephethe uhlelo ngoba akukho azokushiya ngaphandle.
"Engihlale ngikusho ngabesifazane abasuke besohlelweni olufana nalolu, wukuthi kumele bangakucasheli abasuke bekushilo ngabanye bengazi. Ukuvuma ngoba kusuke sekuvelile kwenza udaba lube ngcono bese kudlulwa kulo. La kusuke kuzodingeka iqiniso kuphela. Mina akulindelekile ukuthi kube khona engibaphatha kangcono kunabanye, noma kube khona okumele ngibavikele kodwa bonke kumele ngibaphathe ngendlela efanayo," kusho yena.
Uveze ukuthi le sizini ibe yingqophamlando njengoba ababukeli belindele okunye kodwa kukuningi angabathembisa ukuthi kuzoqhamuka nabakade bengakulindele.
UMablerh kuleli usezakhele igama ngokuthi aphathe zonke izinhlelo zokugcina zalolu hlelo, olubophela abesifazane basemadolobheni ahlukene.
Related Topics: