UKHUZANI Mpungose osephumele obala ngezinhlelo zomcimbi wakhe walo nyaka iBlue Nation Festival ezobanjelwa eCarnival City
Image: SIGCINIWE
KULINDELEKE ukuthi zibe ziningi izinto azojabulisa ngazo abalandeli bakhe umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose, emcimbini walo nyaka ozobanjwa isibili iBlue Nation Festival, ezophinde ibanjelwe eCarnival City, ngoMeyi 2.
Kulo mcimbi owaba undabamlonyeni ngonyaka odlule uKhuzani eshintshashintsha imfashini, lo mculi useveze ukuthi uzoqhubeka la agcina khona njengoba kwamcacela ukuthi abantu bayithanda into ayenzayo.
"Kuyangijabulisa ukuthi nakulo nyaka umcimbi walolu hlobo uzophinde wenzeke futhi. Ngimema bonke abalandeli bami kulona lonke elakuleli nasemazweni angaphandle kanjalo nabathandi bakamaskandi ukuthi baphelele emcimbini sizojabula sonke, futhi siphinde sikhumbule konke okuhle nokube yimpumelelo onyakeni odlule," kusho uKhuzani.
Uveze ukuthi yize engeke akudalule okuzokwenzeka emcimbini walo nyaka, njengoba enza ngonyaka odlule kodwa abantu abalindele into yamehlo uma kuziwa kubaculi azohambisana nabo nokunye akuhlelile.
"Okubalulekile ngalo mcimbi ukuthi abantu bajabulele umculo, kusuka ezingomeni ezindala engazikhipha kuze kufike kwi-albhamu yokugcina ephume ngonyaka odlule. Okunye ukuthi ngibasikaze ngabanye abaculi endimeni enginobuhlobo obuhle nabo, abazobajabulela ukuze bahambe beye emakhaya bedelile. Ngakho siyathembisa ukuthi akukho esizophoxa ngakho, abaphuthume bayothenga amathikithi, angaze aphele," kuchaza yena.
Uthe ngonyaka odlule kwaba nesimo esibi la abantu baphelelwa amathikithi, nakukhuzayo kulo nyaka ngokugqugquzela ukuthi abafuna ukuba yingxenye yomcimbi basheshe bawathole ukuze kungabi bikho ukukhala.
Amathikithi uveze ukuthi ayatholakala eWebticket kusuka ku-R200 no-R300.
Khonamanjalo, lo mculi kamaskandi uzomela lo mkhakha emcimbini omkhulu wokuqala iMahindra Fusion Fest.
Lo mcimbi uzobanjwa ngoMashi 7, nala uzobe ibophele amaciko okukhona kuwo uZee Nxumalo, Mafikizolo, Focalistic, Dali Wonga nabanye.
Related Topics: