USTHEMBISO "SK" Khoza uzobanga ukushisa kwiSitha The Enemy
Image: SIGCINIWE
ULUNGA Mofokeng esejoyine iSkeem Saam
Image: SITHUNYELWE
IMIDLALO uZalo kuSABC 1 neThonga kuMzansi Magic kufanele izibambe ziqine njengoba izimbangi zayo kwi-e.tv, Isitha The Enemy, ziqinise isikimu ngesilomo somlingisi waseThekwini, uSthembiso "SK" Khoza.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi indawo ezolingiswa wu-SK izosusa ukushisa njengoba ezojola nentombi yomuntu.
Izindaba zokujoyinwa kwalo mdlalo yilesi silomo esaduma ngokuba uShaka Khoza kwi-The Queen, ziqinisekiswe ngokhulumela abakwa-e.tv, uTshegofatso Kolotse.
Uthe uSK uzobe elingisa indawo kaSabelo, ozofika kulo mdlalo ezoxova. Eqhuba uTshegofatso, uthe uSK uzoba phakathi kodweshu oluzothinta umndeni wakwaSokhulu, Gumede nowakwaMabuza.
Leli phephandaba libuye lathola ukuthi uSabelo uzofike aqhubeke lapho agcina khona nentokazi eyayiyisinqandamathe sakhe uNandi, okuyindawo elingiswa wuSibonginkosi Tenza.
Okuzodala umsindo omkhulu wukuthi uNandi usothandweni oluvutha amalangabi noSolomzi, okuyindawo elingiswa wuSenzokuhle Radebe. Kulindeleke ukuthi ukushisa kuqale ngesikhathi uSabelo evela ngoMsombuluko.
Khonamanjalo, umdlalo osakazwa kwiSABC 1 phakathi nezinsuku ngo-7.30 ebusuku, iSkeem Saam, uqinise amabhawodi ngokulanda uLunga Mofokeng. Le nsizwa eyaduma kakhulu kwiThe River ingu-Andile Dikana, izodlala indawo kaQhomane, ozobe eteketiswa ngelika-Mr Q.
ULunga uzobe elingisa indawo kathisha waseTurf High osemncane futhi onogazi.
Naye kulindeleke ukuba abe nogazi kubafundi nakothisha kodwa abuye abe nesigcwagcwa kwazobanyathela amakhona.
Related Topics: