Ezokungcebeleka

Bazosheba umculo wokholo namahlaya

Charles Khuzwayo|Published

XOLLY MNCWANGO

Image: FACEBOOK

IZIHLABANI zomculo wokholo zithembisa lukhulu emcimbini iComedy Meets Gospel: Decade of Laughter eSuncoast Casino (Tsogo Globe) eThekwini ngoFebhuwari 14 kusukela ngo-6.30 ntambama.

UJumbo unxuse abantu abakhathazekile emoyeni ukuthi bangaphuthelwa yile ndumezulu yomcimbi ngoba bazobuyela emakhaya sebehleka bodwa ngenxa yomculo wendumiso namahlaya abazobe bezitika ngakho. Uthe okumenza abe neqholo wukuthi umculo wokholo namahlaya kuyamelapha umuntu odabukile. UJumbo uthe ufuna ukufundisa abazalwane ngokubaluleka kokuhleka uma unezinkinga.

Eqhuba, uJumbo uthe kumjabulise kakhulu ukunandisa kulo mcimbi ngoba uzothola ithuba lokwethula umculo wakhe entsheni ebingawazi. UXolly Mncwango uthe okumenze wavumela phezulu ukuzonandisa kulo mcimbi wukuthi uNonto R uzobe egubha iminyaka eyishumi ehlekisa abantu 

“Ngingumlandeli omkhulu kaNonto R, ngiyayithanda indlela ethula ngayo amahlaya akhe.  Njengomntwana kaNkulunkulu, ngiyakuthakasela ukubona indlela adidiyela ngayo amahlaya neZwi. Kuyasikhumbuza ukuthi ukukholwa kuyingxenye yempilo. Njengeciko kuwubuhlakani ukuhlanganyela kwabaculi bomculo wokholo nosomahlaya, nakuba kungajwayelekile, kodwa kuyasikhumbuza ngokubaluleka kwethu sonke kwezikaqedisizungu."

Uthe kumnandi nokubona isifundazwe iKwaZulu-Natal sivuleleka ekwenzeni izinto ngendlela ehlukile. "Ngikhuthaza abalandeli bomculo wami ukuba bahlanganyele nathi kulo mcimbi. Kubalulekile ukubona abathandi bakaqedisizungu behlanganyele ndawonye ngoba kusimamisa nomkhakha wethu,” kusho Xolly.

Laba baculi bazobe beshiyelana inkundla noDumi Mkokstad, Tall A$$ Mo, Churchboy, Justice Kubheka, Khanyisa Bhunu, Alph Mkhwanazi nabanye. Amathikithi asatholakala eWebtickets ngemali esukela kuR300.

UJUMBO

Image: SIGCINIWE

DUMI MKOKSTAD

Image: SIGCINIWE