Ezokungcebeleka

Umlingisi uqwashisa abesifazane ngamakhemikhali okuzicwala

Nokubongwa Phenyane|Published

U-GAIL Mabalane oseveze ukuthi abesifazane kumele banciphise ukusebenzisa amakhemikhali emizimbeni yabo

Image: X

UMLINGISI, uGail Mabalane, useveze ukuthi abesifazane kumele bazame ukwehlisa ukusebenzisa amakhemikhali ezintweni ezihlukene abazisebenzisa emizimbeni yabo.

Ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe, njengoba manje yena esenemikhiqizo yakhe yokugcoba izinwele.

UGail owaphumela obala waveza ukuthi unenkinga yokuqothukelwa izinwele ekhanda, nathi odokotela bamtshela ukuthi unesifo esidala lokhu, uthi yize eseselaphile isifo kodwa la kwasuka khona izinwele ekhanda lakhe, kusekhona imbobo azophila nayo impilo yakhe yonke.

"Amakhemikhali ayingozi kakhulu, uma singawabhekile kuzokonakala. Kumele siwasebenzise kodwa hhayi kakhulu ngendlela engenza ukuthi agcize esesikhahlameza emizimbeni yethu. Mina kwangilimaza kakhulu ukulahlekelwa izinwele ngingazi ukuthi kudalwa yini. Ngabahamba bonke odokotela ongabacanga ngifuna usizo kodwa bangitshela ukuthi isifo lesi enginaso, ngakhetha ukubheka ezintweni eziyimvelo ukunqanda lesi simo, kula ngasizakala khona ngagcina ngikhiphe nemikhiqizo yami," kusho uGail.

Uthe ujabule manje njengoba izinwele zakhe zingasaqothuki kodwa unesibazi ekhanda azophila naso impilo yakhe yonke nasifihla ngesinwele ezikhona manje.

"Ngibonga ukuthi umonakalo awubanga mkhulu futhi nesibazi esikhona ekhanda ngiyakwazi ukuthi sivaleke. Ngiyagcizelela ukuthi abesifazane behlise amakhemikhali emizimbeni yabo ngoba konke sikwenza ngoba sifuna ukuba bahle kodwa kuyasilimaza," kuchaza yena.

UGail ukhuluma kanjena nje, ungomunye wabalingisi abahamba phambili emdlalweni iPimville, ezoqala ukukhonjiswa kwiSABC 2, ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-9 ebusuku.

Indawo azoyilingisa kulo eyephoyisa elingumphenyi uPhello Mohapi.

Le ndawo uveze ukuthi izogqamisa iqhaza elibanjwa abesifazane emkhakheni wamaphoyisa.

Uthe uPhello iphoyisa elibhekana nezinto ezihlukene okukhona kuzo ukulahlekelwa abantu elibathembile, ukungahambi kahle kwezinto kwezothando kanjalo nokuqhubeka lisebenza kanzima ukusiza umphakathi ngaphansi kwezimo ezinzima.