Ezokungcebeleka

Intsha yakuleli ithole ingqayizivele ezinhlelweni zase-USA

Nokubongwa Phenyane|Published

UPaballo Khoza osentsheni ehlabane ngethuba lokuzwakala emidlalweni yopopayi esiphendulwe yakhuluma ngesiZulu

Image: Sithunyelwe

INYELWE yinyoni esandleni intsha yakuleli ezakhele igama ekulingiseni nasekwethuleni imidlalo yethelevishini njengoba maduzane amaphimbo ayo ezozwakala emidlalweni yopopayi, ethandwa kakhulu yizingane eziteshini zakwaWarner Bros, zopopayi.

Eminye yemidlalo ehlukene esakazwa eziteshini iCartoon Network neCartoonito, isizosakazwa ngesiZulu wuPaballo Khoza noSiya Ngxambuza.

Kulena esizozwakala kubalwa othi The Wonderfully Weird World of Gumball, Teen Titans Go! neBatwheels.

UPaballo uveze ukuthi leli akulona nje ithuba elivelele bona kuphela, kodwa okukhulu wukuthi izingane ezincane ebezingaluqondi ulimi lwesiNgisi, sezizokwazi ukuzwa okukhulunywa emidlalweni eziyithandayo.

"Ulimi lwesiZulu siyazi ukuthi yilona olukhulunywa kakhulu kuleli, noma ungazalelwanga kulo, kodwa kulula ukuthi uluqonde, ngakho sikushayela ihlombe ukuthi kwenziwe lezi zinguquko. Ukuqokwa kwami ngibe ngelinye lamanxusa azokhuluma lolu limi kule midlalo kusho lukhulu ngoba kusivulele amathuba phesheya kwezilwandle, njengoba sesisebenza nale nkampani yezelamani zakwaWayans, ezaziwa umhlaba wonke ngegalelo lazo emafilimini," kusho uPaballo.

Uthe okunye akujabulelayo wukuthi akubona kuphela abazovulekelwa amathuba, njengoba kweminye imidlalo kudingeke intsha esencane ukuthi izosebenza ukuze amaphimbo ayo ahambisane nawezingane.

"Siyakholelwa ekutheni kuzoqhubeka kuvuleke amathuba afana nalawa ekutheni kube neziteshi, ezizosakaza lezi zinhlelo ngezilimi zonke zakuleli usuku lonke, kodwa okwamanje ake sijabulele lokhu esikuhlomulile. Siyazi ukuthi izinhlelo zethelevishini manje sezishintshe kakhulu, ukuhunyushwa kwemidlalo yesiNgisi kungenisile kakhulu ngakho silindele okukhulu," kusho yena.

Kwenzeka lokhu nje lezi ziteshi zicishe zavalwa njengoba inkampani iCanal + esiphethe iMultichoice, yaqala phansi izinkontileka nazo zonke izinkampani esebenzisana nazo.

Ezinye iziteshi zavalwa ngenxa yokungabi nazo izivumelwano, kodwa ezeWarner Bros zasinda kuleli zembe.