UNonku Williams osexolisile ngokungakhokhi imali yomngani wakhe ngesikhathi waze wamneka ezinkundleni zokuxhumana
Image: Image:Instagram/@nonkuwilliaams
USEXOLISILE ngokungayikhokhi imali engaziwa isamba sayo namanje uNonku Williams ozakhele igama ohlelweni iThe Real Housewives of Durban.
Lokhu kulandela inkulumo eyaqoshwa yintokazi yaseKapa, eyazakhela igama ohlelweni iThe Real Housewives of Cape Town, uBeverly Steyn.
UBeverly uqophe i-video lapho abesho khona ukuthi ukhathele wukuvikela umuntu omkweletayo, nongasasho ukuthi imali yakhe uzoyibuyisa nini.
Laba bobabili ubudlelwano babo baqala ohlelweni oluhlanganisa ingxenye yabesifazane asebeke baba kulolu hlelo olwaziwa ngeThe Real Housewives Ultimate Girls Trip - South Africa olwaluqoshwa eJamaica.
Yize abantu bebedidekile ukuthi ukhuluma ngobani uBeverly, kodwa kwamanye amaziko ezindaba ugcine evezile ukuthi umuntu omkweletayo wuNonku.
Eziphendulela ezinkundleni zokuxhumana, uNonku uthe uyaxolisa kuBeverly ngakwenzile wathi uyalibona iphutha lakhe njengoba lesi simo kumele ngabe kukhona asakwenza ngaso kudala.
"Ngiyalivuma iphutha lami, angenzi lokhu ngoba ngifuna ukubeka olwami uhlangothi, ukusola abathile noma ngicashe, kodwa ngithatha isikhathi sami ngoba ngifuna ukukhuluma iqiniso. Ukuba wumama obheke izingane zakhe eyedwa kwenza ube nengcindezi ohlale ubhekene nayo ngezinye izikhathi. Lokhu osekwenzeka manje kuziphazamise kakhulu izingane zami, engingakusho nje nami wukuthi imali okumele ngikhokhelwe yona ibingakafiki," kusho uNonku.
Uthe ukube imali unayo ngabe kade asikhokha isikweletu, ngesikhathi ababevumelane ngaso.
"Imali yakhe ngabe sengamnika yonke, kodwa nami isimo engibhekene naso ngeke ngikwazi ukusishintsha. Sasayina naye isivumelwano ngale mali nokuthi ngizoyibuyisa kanjani, kodwa ngiyavuma iphutha lingakimi.
Uthe kulaba abamsola ngokuthi, ngabe uvumele isimo waphila ngalokhu anakho, uNonku uthe yingoba abakwazi akwenzayo ngasese, nezinkinga anazo.
"Nginezinqinamba eziningi nami abantu abangazazi, ngidayise izimpahla zami, kwesinye isikhathi ngilala ngikhala, ngedwa ngoba kunzima," kuchaza yena.
Ubonge bonke abamesekile kuvela lezi zindaba, wathi uyathemba ukuthi lesi simo sizodlula.
Related Topics: