Ezokungcebeleka

Ajabule amaciko akuleli ngemidlalo emisha esungulwe yiSABC2

Nokubongwa Phenyane|Published

ABALINGISI bomdlalo iPimvile ezoqala ngesonto elizayo kwiSABC2

Image: Sithunyelwe

BAHLEKA bodwa abalingisi bakuleli njengoba isiteshi iSABC2, sibavulele amathuba amasha emkhakheni wokulingisa ngemuva kokuthi kusungulwe imidlalo emibili othi Pimville nothi Paradys.

Le midlalo kulindeleke ukuthi iqale kulo nyaka kulesi siteshi ebese sehlelwe yisasasa kwabaningi.

NgoLwesine, lesi siteshi besethula le midlalo kwabezindaba eSandton, eGoli.

Abalingisi abaningi bale midlalo baveze ukuthi kuyajabulisa ukubuya kwesasasa leSABC, bathi abangabazi ukuthi le midlalo izodonsa amehlo ababukeli.

UKeke Mphuthi ongumlingisi, uveze ukuthi bese kuyisikhathi engabonakali emidlalweni yakuleli ngakho kuyinto ejabulisayo ukuthi aphinde abe semdlalweni waleli zinga.

“Siletha into ecokeme kakhulu ngakho akukho ukungabaza ekutheni umdlalo lona uzoba undabamlonyeni kwabaningi. Indawo engizoyilingisa ngeyowesifazane oshadile kodwa ngenxa yezinqqinamba abhekana nazo emphakathini ogcina engasathembakele kumyeni wakhe nokuyinto eyenzekayo emindenini eminingi kuleli. Umdlalo lona okhombisa impilo yaselokishini njengoba sazi ukuthi iPimville ngelinye lamalokisi amakhulu aseSoweto,” kusho uKeke.

UMandla N osungule umdlalo iParadys, uthe kuwumlando kuye ukwenza umdlalo ohlukile olimini alujwayele kodwa ujabule ngokunikwa ithuba elifana naleli. 

"Ngithi wonke umuntu akalindele lukhulu kulo mdlalo ngoba uza nokuningi abantu abazokujabulela nabazofunda kukho. Akubanga lula kimi ukuthi ngenze umdlalo walolu hlobo njengoba kungowokuqala okhuluma ulimi lwesiBhunu kodwa ngokuzimisela kwenzekile," kusho uMandla. 

Ubonge ukuhlala esekwa kuyona yonke imidlalo aseke ayenza kuleli nathi iningi layo lenza kahle kakhulu.

Izikhulu zaseSABC ziveze ukuthi zihlose ukubuyisela lesi siteshi esimweni esasiyoyona kudala. 

Kulo mcimbi bethule imidlalo, izinhlelo nezindaba zesiBhunu, IsiPedi, isiTswana nezinye izilimi. 

Ezinye zezinhlelo ezithuliwe kubalwa iColour Your Plate With Koo ezokwethulwa uThembisa Mdoda, EX Offender ezothulwa uTT Mba, AbaThiyane Wedding Special nezinye zezingane.