Ezokungcebeleka

Oneminyaka ewu-59 uzolandisa ngokudliwa kuka-R2.1 million nguBen 10

Nokubongwa Phenyane|Published

LUKHUZA ibuya uhlelo oluveza abantu bekhuluma ngokubhubhudla imali i-I Blew It

Image: Sithunyelwe

KULINDELEKE ukuthi luphinde ludonse amehlo abantu uhlelo i-IBlew It, olukhuza ibuya kuMzansi Magic ngoFebhuwari 22, ngo-7.30 ebusuku.

Kulolu hlelo kubonakala abantu abehlukene bechaza ngokuthi bayidla kanjani imali eyizigidi zamarandi abayithola ngezindlela ezihlukene.

Imvamisa kule mali kusuke kukhona abayithole ngemuva kokulimala ezingozini zezimoto, bakhokhelwe yinkampani i-Road Accident Fund (RAF), abanye kusuke kungamafa abawashiyelwe ngabazali kanti abanye basuke bewine izishaqane ze-Lotto.

AbeMzansi Magic baveze ukuthi kule sizini ababukeli bohlelo bazosala bebambe ongezansi ngezindaba ezizovela, ikakhulukazi ezizobe zixoxwa ngabesifazane abake baba nezigidi zamarandi.

"Abantu bakuleli bonke laba abazobonakala belandisa izindaba zabo zokuthi isimo sabo sashintsha kanjani ngesikhathi bengenelwa yinkindlana yemali. Kungagcini lapho, bazochaza ukuthi impilo yahamba kanjani kwaze kwaba sekutheni, imali iyaphela futhi kwenzakalani lapho. Bazoveza ukuthi ukuba nemali eningi kwabadalela kanjani ukhwantalala, sebelahlekelwe yikhona konke ababekuthengile futhi baphinde bayilungisa kanjani impilo manje njengoba bengasenalutho," kusho abeMzansi Magic.

Bathe ezindabeni ezizoba khona kubalwa ekaLerato, owathola imali engu-R1.9 million ayithola kwaRAF ngemuva kokushayiswa imoto waba sesimweni esibi esibhedlela izinyanga.

ULerato bathe uzovela echaza ukuthi le mali wayichitha kanjani ethenga izimoto eziphambili, ehamba amaholidi emazweni ahlukene, egqoka izimpahla eziphambili nokwagcina ngokuthi iphele imali engenayo ayigcinile futhi wazisola ngalesi simo.

Olunye udaba olukaCebisile 59, owathola imali engu-R2.1 million kwaRAF, nathi ngayo wayefuna ukufezekisa amaphupho akhe.

Kuvela ukuthi yena wathenga umuzi, ngenye watotosa owesilisa omncane kunaye, nowagcina efuna okuningi njengoba lona wesilisa ayeqhubeka nokufuna imali wagcina ngokuthi iphele, adayise izimpahla ayenazo ukuze kube khona imali abanayo.

Lona wesilisa kodwa wagcina emshiya njengoba kwase kuphele konke, njengoba manje esezama ukwakha impilo yakhe kabusha.

UMzansi uthe ngezinye zezindaba lezi ezibathintile zalaba besifazane kodwa kukhulu okunye okuzobonakala, nabagcine bebasiza bonke abavelile.