U-BRAVO B no-Ashay osekuhlukene imibono ngokuzikhetha ukuthi bavotelwe kwabangase baphume ohlelweni i-Big Brother Mzansi
Image: Sigciniwe
BADINWE bayaveva ezinkundleni zokuxhumana abanye babalandeli bohlelo i-Big Brother Mzansi, njengoba ngoMsombuluko, izinsizwa zaKwaZulu-Natal, zenze obekungalindelekile ziziqoka zona ukuthi zikhishwe uma zithola amavoti amancane.
Lokhu kulandela ukuthi u-Big Brother ememezele izinguquko, ebeziveza ukuthi kuleli sonto ngeke amenyezelwe esithe amagama, azoba sohlwini labazohamba kuleli sonto.
U-Big Brother ubayalele ukuthi konke kuzokwenzeka bebukana kungabi bikho zimfihlo.
Ashay
Image: Sigciniwe
Lokhu kulethe ukuthuka kwabaningi novalo kodwa kwagcina kwenzeka njengoba bebeyalelwe bonke abasendlini.
U-Ashay uveze ukuthi uyazikhetha ukuthi avotelwe kuleli sonto ngoba akekho angamkhetha njengoba engaxabananga namuntu ngesonto elidlule.
UBravo B yena uveze ukuthi uzikhetha yena ngoba ufuna ukubona ukuthi unabalandeli abangakanani, njengoba selokhu ebuyile kule sizini akakaze aqokwe.
Abantu lokhu bakufanise njengobugwala kulaba bobabili bashumayela ivangeli lokhuthi bakhishwe, njengoba kuyisifiso sabo lokho.
UYolanda Mukondi owake waba yingxenye yalolu hlelo, uveze ukuthi laba bakhombise ubugwala ngakho abalandeli babo ababanike lokhu abakufunayo, bakhishwe.
U-@The Huskvoice uthe: "Thumelani uBravo B no-Ashay ekhaya, akudlalwa la. Uma besendlini eyimfihlo bayakwazi ukukhetha abanye kodwa uma sekwenziwa esidlangalaleni bayahluleka."
U-@mosaprince uthe: "Angibafuni abantu abathanda ukuhlala bebahle kwabanye. UBravo B no-Ashay kumele bahambe."
U-@Yandaa uthe: "Lesi sikeshi esenziwe u-Ashay noBravo B besizosebenza ukube kukhona umnyakazo ongemuhle wokuhlalisa ngesinqa esisodwa abanye endlini kodwa manje sikhombisa ubugwala."
U-@Larry_TMM uthe: "Angikholwa ukuthi bengeseka uBravo B sonke lesi sikhathi, ngiyawazonda amagwala. Yena no-Ashay kumele bahambe."
Yize abanye bebengajabule ngalesi senzo salaba kodwa abanye baveze ukuthi bazobeseka, ukuze baqhubeke bahlale endlini.
Related Topics: