Ezokungcebeleka

UNaledi nelinye icwecwe noMawelele

Nokubongwa Phenyane|Published

UNALEDI Aphiwe uthi kulula ukusebenza noMawelele njengoba besebancane bobabili

Image: Sithunyelwe

INTOKAZI yaseNanda, eThekwini, uNaledi Aphiwe, isiveze ukuthi ibinesifiso sokuthi yenze i-albhamu ephelele noMawelele kodwa ukungabi nesikhathi sokuthi benze lo msebenzi ngonyaka odlule, kuphoqe ukuthi bagcine benze izingoma ezine kuphela ngokuhlanganyela.

UNaledi ukusho lokhu njengoba ngoLwesihlanu, kuphume ingoma yabo ethi Come Duze.

Laba akuqali ukuthi benze ingoma ngokuhlanganyela njengoba benengoma ethi Romeo & Juliet eyashisa izikhotha.

UNaledi uthe le ngoma iqhubeka kwethi Buya Ekhaya abake bayenza nekhuluma ngokuxolelana.

“Mina noMawelele sisebenza kahle kakhulu uma kuziwa emculweni njengoba imimoya yethu itholana, bese senza kube lula ukuthi zonke izingoma zethu uma abantu bezilalela noma bebuka ama-video azo, babone okuhle kuzo. Ingoma lena abantu abazozithola beyidansela kodwa inesigqi se-Afro pop. UMawelele ungumuntu othanda ukwenza umculo opholile, ngakolunye uhlangothi mina nginephimbo eliphezulu nokwenza izinto zibe lula uma sihlangana sicula,” kusho uNaledi.

Uthe akuthandayo ngokwenza umculo noMawelele ukuthi basebancane futhi bayawuthanda umculo abawenzayo ngokuhlukana.

UNALEDI Aphiwe noMawelele

Image: SITHUNYELWE

“Sifike ngesikhathi esisodwa emculweni. Sithe uma siduma bekucishe kube isikhathi esisodwa ngakho angingabazi ukuthi kungani abantu besithanda kangaka uma sihlangene - yingoba babona ukuzimisela esinakho uma sisebenza. Kodwa okwamanje ngizosho ngingangabazi ukuthi sisazoke sime ukusebenza ndawonye, esinye sezizathu esenze saphinde sakhipha izingoma ingoba besibona ngathi kukhona esikukweleta abalandeli bethu. Yisigcino sethu lesi okwamanje, sinika abantu umphako abazobambelela kuwo kuze kube sithatha isinqumo sokuphinde sisebenze sobabili futhi,” kusho yena.

Uthe ukuya phambili uzoqhubeka asebenze nabaculi abanekhono, hhayi nje abanabalandeli kuphela ngoba umculo udinga ikhono.

Kulo nyaka uthe ufisa ukuthi umculo wakhe uqhubeke usabalale emhlabeni wonke, aqhubeke nokwaziwa kwamanye amazwe aqokwe nasemicimbini yezindondo.

Uthe abanye abaculi afisa ukusebenza nabo ukuya phambili kubalwa udadewabo uNontokozo Mkhize, Ayra Starr, Afrotraction, Summer Walker noKabza De Small.