BABE ngundaba mlonyeni oNosipho Biyela noSambane Zikhali ngeSonto kusabalala izithombe zabo njengoba uNosipho engenye yezintokazi ebezicelwa umshado ebandleni lamaNazaretha kuvalwa umhlangano wanonyaka
Image: Facebook
IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seliyichithe ngazo zombili indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.
Njalo uma kuphela umhlangano kaJanuwari kuleli bandla izinsizwa ziya endaweni yaseSipholi lapho zikhetha khona izintombi ezifuna ukwakha imizi nazo.
Muva nje kulo mcimbi kushiyana umshefezo njengoba insizwa ikhipha amagwevu, ukukhombisa uthando enalo ngentokazi eyikhethile nezipho esuke iziphethe.
Kulo nyaka izinga libonakale linyuka kakhulu njengoba kukhona insizwa yaseMtubatuba, uSambane Zikhali, ephe uNosipho Biyela isipho semoto, ngesikhathi iqeda "kumxhawula".
Yize lesi sipho engasilethanga eBuhleni, kodwa izithombe besegaraji emnika imoto nomakhalekhukhwini i-i Phone 17, kushiye okukhulu ukwehlukana ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bamncomile uSambane ngokunyusa izinga lezipho ekhombisa uthando kunkosikazi wakhe wakusasa.
Abanye bakhale ngokuthi lokhu akwenzayo kuzofaka incindezi ezinsizweni ezingenawo amandla alingana nawakhe, okungazenza ziphelelwe nawuthando lokuganwa.
Okhulumela ibandla lamaNazaretha aseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, exoxa neSolezwe uqale wancoma ubuhle bomhlangano walo nyaka ohambe kahle wathi bayabonga ukuhamba baze babuye kungenzekanga okubi.
Ube eseyichitha wathi ayilungile into eyenziwa yizinsizwa kuleli bandla njengoba konke sezikwenza ngehaba nokufuna ukubukwa.
"Sesifikile isikhathi sokuthi abefundisi bahlangane kukhulunywe ukuthi uma owesilisa eyocela intombi yini okumele iphathwe, ukuze kuvinjwe indaba yezinto ezifana nalezi esizibonayo manje. Umyalelo webandla ngokucelwa awuhambisani nalokhu osekwenzeka. Phambi kwamehlo eNkosi siyalingana, ezinye izinsizwa zizophelelwa amandla uma sezibona abantu benza kanjena. Akuwona wonke umuntu oyisigwili. Akunqatshiwe ukuthi uthengele umuntu wakho isipho esikhulu kodwa musa ukwenza emehlweni omphakathi," kusho uMncwabe.
Uthe eSipholi lapho kukhethwa khona izintokazi kuningi osekwenzeka khona okumele bakubheke ngamanye amehlo.
"Ayilungiswe indaba yaseSipholi. Sekwenzeke konke lokho sithanda nokubonga iNkosi uNyazilwezulu ngezinkomo azihlabela amaNazaretha eKhenana naseBuhleni ewabonga, nathi siyabonga kulo ngakho konke. Sibonge noMfundisi uNzama waseKhenana, izinsizwa zoBubambo ezazilungisa umgwaqo, zasilekelela ngokudla namatende ngesikhathi kuqala uhambo, abakwenzile iNkosi ibabusise," kuchaza yena.
Uthe njengamaNazaretha nakulo nyaka bayakhuthaza ukuthi kuphathwe kahle abesifazane, kuphele ngokudlwengulwa kwabo nokudliwa kwezidakamizwa.
Related Topics: