U-NASTY C othi ingoma ayikhiphile ibe nokumelapha njengoba kudala ayibhala
Image: Instagram
UKHIPHE i-video yengoma athi wayibhala izinto zingamhambeli kahle empilweni yakhe umrepha waseThekwini, uNasty C apike kuyo ikhwaya esizakhele igama emhlabeni, iSoweto Gospel Choir.
Le ngoma ethi Head Up 2.0, uNasty C uthi inomlayezo wethemba futhi ingaba isikhuthazo kwabaningi. Uyikhiphe ngoDisemba, nezinye athi nazo zikhuluma ngezinto ezihlukene aseke wabhekana nazo empilweni
NgoSepthemba wangonyaka odlule, uNasty C, wakhipha i-albhamu ethi Free, ngayo athi usezimele emculweni.
“Ingoma lena enezinhlamvu zomculo wokholo uma kuqala ingoma, neyenza umehluko kulena esayikhipha kuqala. Ingoma lena ebesengiyibhale isikhathi eside ngizikhipha ezinye kodwa yona ilokhu ihlezi ngingayikhiphi. Isiphelile iminyaka eyisihlanu noma eyisithupha ikhona, ngesikhathi ngiyibhala yaba ncane ngazitshela ukuthi ayiphelele kodwa manje isiyilokhu engikufunayo kungakho silana sikhona manje. Ingoma nami uma ngizizwa ngiphansi uma nje ngike ngayilalela ngiziwa ngilaphekile ngakho isho lukhulu kimi,” kusho uNasty C.
Uthe uyakholelwa ukuthi baningi abangasizakala emoyeni uma bengayilalela ngoba iyasitshintsha isimo noma ngabe kuthiwa uphatheke kabi kanjani.
Ugcizelele ukuthi uyakholelwa ekutheni ukuhlala isikhathi eside nale ngoma kuzoba nomthelela omuhle kubantu ezoshintsha izimpilo zabo, nami ngiyathemba ukuthi kukhona okuhle ezongenzela khona ngoba buningi ubunzima engidlule kubo.
Uthe uhambo lwakhe seluzohambisana nokukholwa nokuwuhambo oluhlukile aseluthathile manje empilweni yakhe.
UNasty C usho kanjena nje, usanda kubuya phesheya kwezilwandle nala akade egxile khona efuna ukukhulisa umculo wakhe.
Yize ebephesheya kwezilwandle kodwa ubengalishiyile unomphela elakuleli njengoba ebeba khona emicimbini aqashwe kuyo.