Ezokungcebeleka

Ugcine ephumele obala ngokushiya kwakhe kwiJozi FM uPenny

Nokubongwa Phenyane|Published

UPENNY Ntuli osememezele izindaba zokushiya emsakazweni iJozi FM

Image: Facebook

USEVEZE ukuthi akukho okubi okwenzeke phakathi kwakhe nabaphathi beJozi FM, umsakazi waseThekwini uPenny Ntuli, okuke kwaba nemibiko ethi ubesenyamalale amasonto ambalwa engezwakali emoyeni.

UPenny obesesebenze kulo msakazo cishe iminyaka ecela kwemibili, ubesakaza uhlelo lwasekuseni kusuka ngo-9 kuya ku-12 emini.

Eveza izindaba zokushiya kwakhe ubonge abalaleli bomsakazo kanjalo nabaphathi bawo.

"Uhambo lwami nomsakazo iJozi FM luphelile. Ngifike eJohannesburg ngicabanga ukuthi ngizosebenza kuphela izinyanga eziyisithupha zokuqala bese ngibuyela ekhaya kodwa lokho akwenzekanga. Konke kuvele kwenzeka ngendlela ebengingayibhekile njengoba ngize ngacishe ngaqeda iminyaka emibili ngisayibambile, nokuveza ukuthi bengisebenza ngaphansi kwesandla esihle. Ngaphansi kwalo msakazo ngifunde okuningi okukhona kukho nezilimi ezihlukene njengoba sekukhona amagama ezinye izilimi esengikwazi ukuwaphimisela," kusho uPenny.

Uthe uyabonga kubalaleli ngokumbekezelela njengomunye obengazazi ezinye izilimi, kodwa ngokuhamba kwesikhathi usizakele wakwazi ukukhuluma nabalaleli bazo zonke izilimi.

"Ngiyabonga kozakwethu nabo abangisizile kakhulu. Ngaphansi kwalo msakazo ngithole izindondo ezimbili emunxeni weRadio Presenter, njengoba sengishilo yisikhathi sami sokuthi ngikhule manje ngiye kwamanye amathuba avulekayo. Baba uNjomane ngiyabonga Bhebhe kanye nomphathi wami uMnuz Tshepo Makgopa ngiyabonga ngokungibekezelela. Neminye iminyango ebengiyihlupha ingakhathali yimina ngiyabonga kakhulu," kusho yena.

UPenny ushiya kulo msakazo nje kwasuka omkhulu umsindo elaxaza umsakazo iGagasi FM, lapho ayekhala khona ngokuthi uhola imali encane, waze waveza ukuthi uhola u-R2 800 ngenyanga. Lezi zindaba zathusa abaningi.