Ezokungcebeleka

OwaseVryheid ujabule ngokukhula emdlalweni i-Outlaws

Nokubongwa Phenyane|Published

UMLINGISI, uNosipho Pehlo, othi kumenze wakhula ukuba yingxenye yomdlalo i-Outlaws

Image: Sithunyelwe

UKHOLELWA ukuthi uyilingise ngendlela akade eyicabanga indawo kaNolwandle Biyela, umlingisi waseVryheid, uNosipho Pehlo, ngesonto eledlule, okuphele indawo yakhe kusizini yesibili yomdlalo i-Outlaws.

Le ntokazi esazakhele igama kulo mdlalo, ithi ukuba yingxenye yawo kuyikhulisile njengoba indawo ebiyilingisa ibiveza owesifazane ongayithandi impi, onakekela umndeni kodwa kusizini yesibili kwashintsha konke lokho.

“Uma bekungathiwa nginikwa enye indawo kuthiwa angiyilingise kulo mdlalo bengingeke ngiyijabulele njengalena engiyitholile. Ngiyalibonga ithuba enginikwe lona ababhali bomdlalo njengoba ukuba kulo mdlalo kungenze ngakhula njengomlingisi futhi kwangivezela amathalente ahlukene nami enginawo njengeciko,” kusho uNosipho.

Uthe kuningi muva nje azokukhumbula kulo mdlalo, naye obekumethusa njengokuba la kuqoshwa khona izindawo ezinezimpi nokuyinto abengakaze abe kuyo ngaphambilini.

“Ukuba sendaweni enjalo uma siqopha kuthinte izinto izinto ezijulile kimi. Ngelinye ilanga saqeda ukuqopha ngaya la ngihlala khona ngangiqhaqhazela, ngikhala nami angazanga ukuthi yini eyadala lokho kodwa ngagcina ngibonile ukuthi umqondo uyakwazi ukuthwala konke obekwenzeka, umzimba wase uthwala ubunzima kungakho ngafikelwa isimo esifana nalesi. Ekulingiseni ngibonile ukuthi akumele nje ugxile ekukhumbuleni okumele ukukhulume nakukhamera kodwa umlingisi osuke unguye kumele umthwale agcine esenguwena,” kusho uNosipho.

Uthe kube umdlalo wokuqala lona kuye omkhulu ukubonakala kuwo njengoba esanda kungena ekulingiseni nafunde okuningi ngisho kozakwabo abadala akade ebambisene nabo.

Uveze ukuthi usizakale kakhulu ngokwazi ukusebenza nabanye abantu kanye nokubambisana nabo.

“Kuningi engikuthathile engiya nakho komunye umdlalo engizoba yingxenye yawo ukuya phambili. Mina njengoba indawo yami isiphelile ngiyabakhuthaza ababukeli ukuthi abaqhubeke bawubuke umdlalo ukuze bezobona ukuthi kugcina kwenzakaleni phakathi kukaBandile noTlali. UNolwandle uqedile okwakhe,” kusho yena.