Ezokungcebeleka

Bancome amakhono kaMandla Magwaza ababesebenza oKhozini

Nokubongwa Phenyane|Published

UNkk Sma Mathibeli

Image: FACEBOOK

BANCOME amakhono ayenawo ohlelweni lwasekuseni emsakazweni Ukhozi FM, uMandla "Njinji Wami" Magwaza (42) ongasekho, abasakazi balesi siteshi asebashiya, abebekhuluma ohlelweni lwantambama ngoMsombuluko.

ULinda Sibiya, Zandile Tembe noSma Mathibeli bathe uNjinji washeshe waziveza ukuthi ngeke agcine enguphrojusa wemisindo kuphela, kodwa iphimbo lakhe lalisho ukuthi uya kude.

Bebekhuluma noTshatha Ngobe ohlelweni iWoza Nabangani Bakho, nala bebekhumbula khona le nsizwa yaseJozini, edlule emhlabeni ngoMgqibelo ekuseni ngemuva kokugula isikhashana.

UZandile owagcina engumphathi wezinhlelo kulo msakazo, uthe ngendlela ababezethemba ngayo beyithimba, baba nokumungabaza uMandla owafika engumfana omncane kakhulu kubo.

"Wayengumuntu ongakukhonzile ukukhuluma, enza nje umsebenzi wakhe. Kwakuthi noma kukhona esingakuboni kahle kodwa uma sesikukhulumile sisodwa singophrojusa, simtshele umsakazi okumele akwenze, uma engakwenzi uNjinji wayevele asukume amkhumbuze esikushilo. UNjinji waveza amathalente amaningi emsebenzini wakhe futhi uhlelo lwasekuseni ngaleso sikhathi salubona lwenyukelwa abalaleli," kusho uZandile.

USma uveze ukuthi ufikele kuye uMandla ohlelweni lwasekuseni bezobambisana emkhakheni wokuba ophrojusa.

"Wayewuthanda umsebenzi wakhe, ethanda ukudlala futhi kuhlale kuhlekwa, ewenza nomsebenzi wakhe. ULinda sase simazi ukuthi ujabule noma kukhona okungahambi kahle kuye bese simhleka, siphinde sithume yena njengoba uZandile eshilo uma kukhona esifuna kwenzeke. Kungenzeka ukuthi  ekhaya kubo bazi omunye uNjinji kodwa thina sazi lona esikhuluma ngaye namhlanje," kuchaza uSma.

ULinda uthe ophrojusa abaningi abafana naye uMandla, uSandile Mdlalose, Zandile, Sma, Nomfundo Mkhize, no-Ayanda Melansi babalwa kwabenze umsebenzi oncomekayo emsakazweni Ukhozi.

"Abantu laba abafike benza izinto ezihlukile emsakazweni besebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Bawushintsha umsakazo bonke njengoba ngibasho nje. Sithi emndenini wakhe nakubalaleli uNjinji ufike waba yile nto efunekayo emsakazweni ngisho nangephimbo lakhe,elimenzele okuningi. Usebenzile," kusho uLinda.

Izolo umndeni kaMandla umemezele ukuthi inkonzo yesikhumbuzo sakhe izoba sehholo lomphakathi iSinethezekile, eJozini, namhlanje ngo-2 ntambama.