OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uLinda Sibiya, ushiye phansi kwipolitiki
Image: SIGCINIWE
OWAYEYISILOMO soKhozi FM, uLinda "Mr Magic" Sibiya, ubhoboke ngokushiya phansi ipolitiki neqembu abeseyilungu lalo i-Economic Freedom Fighters.
UMr Magic udalule lokhu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo kwiPodcast and Chill with MacG ngoLwesine. Uthe wahosha imfe kwipolitiki ngo-2023 maqede wagxila emisebenzini yamabhizinisi.
"Ngathi kimi ngo-2023 khumu kwipolitiki, ngagxila emabhizinisini. Angisahlanganise lutho nepolitiki. Sengiwusomabhizinisi. Yize kunjalo kodwa anginankinga noCIC (esho umholi we-EFF uMnuz Julius Malema). Ave enobuhlakani. Ngike ngaba nenguyazana naye. Uphiwe ubuhlakani."
Uze wathi ubemthandazela uMalema futhi ubezomthumelela nomyalezo wokumqinisa njengoba abegwetshwa izolo ngecala lokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni. Ebuzwa ukuthi wangena kanjani kuleli qembu, uMr Magic uthe wanxenxwa owayengumholi wophiko lwentsha kwi-ANC, uMagasela Mzobe ukuba bajoyine i-EFF. Sekungumlando ukuthi noMzobe wabuye wahlubuka kwi-EFF, wajoyina iMK Party kaMnuz Jacob Zuma ngoJulayi 2024.
UMr Magic uthe akashiyanga kwi-ANC ngenxa yokununuselwa ngezindodla zemali kodwa kukhona ayengasahambisani nakho kuyo. "Ngezikhathi zoSbu Ndebele, Zweli Mkhize, John Mchunu noWillies kwakukhona lapho owawubona khona ukuthi i-ANC iyaphi. Ngathatha isinqumo sokujoyina i-EFF. Kodwa uma ngibheka emuva kunezinto, mhlawumbe okwakufanele ngihlale bese ngiziphakamisa ukuba ngizilungise. Njengoba manje sengingasacheme nanhlangano kungcono ngingasho lutho ngazo. Ngiyajabula ngokuthi ngathatha leso sinqumo (sokushiya ipolitiki)."
Uthe umsebenzi ayejutshelwe wona kwi-EFF kwakuwuxhumanisa leli qembu namakhosi aseNdlunkulu neNdlunkulu kaZulu kanye nabefundisi.
"Ngangiqinisekisa ukuthi sivakashela amakhosi. Ngaqinisekisa ukuthi uCIC uvakashela iSilo. Ngiqinisekisa nokuthi uvakashela izinkonzo ezifana noShembe."
UMr Magic ubuye waveza ukuthi wenza elikhulu iphutha ngokujoyina iVuma FM esadiniwe ngenxa yokuthi yayesene-transmitter eyodwa.
Uthe yize kwakunjalo kodwa waphumelela ukuyisusa kubalaleli abawu-70 000 wayibeka ku-400 000. Uveze ukuthi angabuyela oKhozini uma lumdinga kodwa kungadingeka kwenziwe isivumelwano esiqinile futhi esizomvumela ukuthi enze eminye imisebenzi eseceleni.
ULINDA Sibiya wayemukelwa wusihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala
Image: SIGCINIWE