Ezokungcebeleka

ONLINE: Osaziwayo abathandane nabadlali bebhola

Charles Khuzwayo|Published

Minnie Dlamini noIttumeleng Khune

Image: SIGCINIWE

NAMHLANJE sizoke sibheke osaziwayo bethelevishini asebeke baba sothandweni oluvutha amalangabi nabadlali bebhola likanobhutshuzwayo. Phezulu eqhulwini sizokhuluma ngosaziwayo waseThekwini oseke wasakaza kwiMetro FM futhi wethula izinhlelo kuSABC 1 nakuMzansi Magic, uMinenhle "Minnie" Dlamini.

Le ntokazi esike yalingisa nasemidlalweni yethelevishini nasemafilimini ike yajola nobengunozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune. Sekungumlando ukuthi uKhune wahlukana noMinnie wadlulela kusaziwayo wodumo ohlelweni lwethelevishini iKwaMaMkhize, uSbahle Mpisane. 

Umlingisi wodumo luka-Elizabeth kwiSkeem Saam, u-Amanda Manku, ubeyintombi yomdlali waMazulu uHendrik "Pule" Eisten. Yize eke wakhonjwa nowayengumdlali weBloemfontein Celtic uKabelo Mahlasela kodwa u-Amanda waphika walala ngomhlane, wathi yena umdlali aseke athandana naye uPule.

Umsakazi weMetro FM uLerato Kganyago uke waba yisinqandamathe somdlali wodumo kwiBafana Bafana, Orlando Pirates neMoroka Swallows uKatlego "Mahoota" Mashego.

Umdlali waMazulu uBongani Zungu uyisoka lomlingisi odume kakhulu kwiThe Queen enguSiyanda, uCindy Mahlangu. Ngo-2022 lezi zithandani zibusiswe ngendodana.

Umdlali weWaydad AC uThembinkosi Lorch uke wathandana nobengumlingisi onguWendy Dlamini kwiBlood & Water futhi ungumzukulu ka-Archbishop Desmond Tutu,  uNatasha Thahane futhi baze babusiswa ngendodana ngo-Ephreli 2022.

Umculi obengumlingisi woZalo, uNomcebo "Dot" Mthethwa uke walotsholwa ngobengumdlali waseZimbabwe oke wagijima kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns, uKhama Billiat.

Ingwazi yebhola yaseZimbabwe uPeter Ndlovu yayishade nomculi wokholo wodumo kwiJoyous Celebrations, uHlengiwe "Sharon Dee" Dlamini.

Naphesheya kwezilwandle ziyabuya nakhona. Umdlali wodumo kwiBurnley neWatford,u- Andre Gray, ushade nomculi uLeigh-Anne Pinnock obeyilungu leqembu iLittle Mix, eyawina kuhlelo lwethelevishini iThe X Factor ngo-2011.

Isiqongqwane sasemuva kwiChelsea,uWayne Bridge, uthembisane umshado nomculi weqembu iSaturdays, uFrankie Sandford. Umdlali wodumo kwiReal Madrid neSpain uSergio Ramos ushade nosaziwayo wethelevishini futhi ongumkhangisi wengqephu, uPilar Rubio ngo-2019.

Umdlali wodumo kwiChelsea ne-England, uFrank Lampard ushade nomethuli wezinhlelo zethelevishini wase-UK, uChristine Bleakley ngo2015, emuva kokuthembisa umshado umkhangisi wengqephu waseSpain, u-Elen Rivas.

Obegijima kwiChelsea, Arsenal nakwi-England, u-Ashley Cole uke washada nomculi waseLondon wodumo lwengoma ethi Girls Aloud uCheryl Tweedy. UPeter Crouch wodumo kwiLiverpool ubeshade nomkhangisi wengqephu futhi ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, u-Abbey Clancy iminyaka engaphezu kweyishumi.

Umdlali wodumo kwiBarcelona neSpain, uGerard Pique uke waba sebudlelwaneni  nendlovukazi yomculo wesiLatin uShakira wengoma ethi Waka Waka (This Time Africa) emuva kokuba lomdlali evele kwi-video yale ngoma.

Ukhumbule ukuthi i2010 World Cup yayiwinwe yiSpain. Nowayengumdlali weManchester United ne-England, uDavid Beckham washadelwa wumculi uVictoria "Posh Spice" Adams weSpice Girls ngo-1999.

Nomculi waseSpain, u-Edurne wayejola nomdlali weManchester United, uDavid De Gea.

Ingwazi yomdlali waseBrazil uPele wayethandana nomculi wangakubo uXuxa kanjalo nomlingisi uKerry Washington washada nomdlali weNFL uNnamdi Asomugha.

 

NATASHA THAHANE

Image: SIGCINIWE

CINDY MAHLANGU

Image: FACEBOOK

LERATO KGANYAGO

Image: Instagram

SBAHLE MPISANE

Image: SIGCINIWE

NOMCEBO "DOT" MTHETHWA

Image: SIGCINIWE

DAVID noVICTORIA BECKHAM

Image: SIGCINIWE

AMANDA MANKU

Image: SIGCINIWE