UKHUZANI Mpungose nomkakhe uNondumiso Mathenjwa
Image: SIGCINIWE
YIZE kulo nyaka kukhalwe kakhulu ngenxa yokudlula emhlabeni kosaziwayo abaqavile kodwa nomkikizo bewuqhuma phezulu ngenxa yendathane yemishado.
Umshado obeseqhulwini nongathathwa njengowonyaka owomculi kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose obuseMandaba, eNkandla, naseZunguness, eHowick, ngoDisemba. UKhuzani ubophe ifindo likasofasilahlane nesiphalaphala sentokazi engasiye unontandakubukwa uNondumiso Mathenjwa. Okwenze lo mshado waba ngungqaphambili izinga lawo nezipheko ebezimba eqolo okubalwa kuzo izinkomo ezingaphezu kuka-30 notshwala obubiza ngaphezu kuka-R200 000.
Lo mshado ulandelwe ezithendeni ngowesingqazu esahlabana ngesicoco sikaMiss South Africa nesikaMiss Universe, uZozibini Tunzi. Lesi simomondiya besishadwa wuLuthando Bololwana ngo-Ephreli. Lezi zithandani zaqala ngomgcagco wesintu owawusemakhaya e-Eastern Cape ngaphambi kokusonga imbenge eBelair Pavilion eCape Winelands. Njengoba kwakulindelekile, osaziwayo abasezingeni lomhlaba babetheleke ngobuningi babo.
Omunye umshado odonse amehlo abantu abaningi ngowomsakazi we947 u-Anele Mdoda obophe ifindo likasofasilahlane nensizwa yasebukhosini babaThembu, uBonelela Buzza James ngo-Ephreli 20. Umshado wabo wawuhanjelwe ngosaziwayo okubalwa kubo uNomzamo Mbatha, Connie Ferguson, Zikhona Sodlaka, Basetsana Kumalo, Romeo Kumalo, Khaya Dlanga, Sizwe Dhlomo nabanye.
Nomgcagco kaShansela weNdlunkulu kaZulu, Inkosi Malusi Zondi noNdlunkulu uNothile uMaKhumalo, uhehe abantu abaningi okubalwa kubo nongqongqoshe namakhosi oselwa.
Unozinti weMamelodi Sundowns neBanyana Banyana u-Andile Dlamini, ushade nesinqandamathe sakhe uLulama emcimbini obuyinguyazana ngoba bekunomndeni nezihlobo ngoDisemba. Abanye abadlali bodumo kwiJVW FC neBafana Bafana, uRobyn Moodaly noGabriela Selgado bashade ngoNovemba. Umdlali weKaizer Chiefs uKhanyisa Mayo uqinise ubudlelwano bakhe no-Ababalwe Scott ngokwesintu ngoDisemba.
Umdlali weMamelodi Sundowns u-Arthur Sales ushadelwe wu-Eduarda ePitoli ngoJuni. Isiqongqwane seFCSB neBafana Bafana uSiyabonga Ngezana ushadelwe yisithandwa sakhe seminyaka uMbali Malindi ngoJanuwari. Umlingisi uNtando Duma ushade nomculi uRams Mkhize, odume ngelika-Una Rams ngoFebhuwari.
UClaire Mawisa owayengumethuli wezinhlelo kwiSABC1 Simunye ushade nendoda elingatholakalanga igama lalo ngo-Okthoba emuva kokusolwa ngokujola nosaziwayo waphesheya uMalik Yoba. Umculi wodumo kuma-Idols uYanga Sobetwa ushade nozakwabo emculweni uNtsako Khoza ngo-Ephreli.
Usawakhumbula amawele aseChesterville ayengenele umqhudelwano wama-Idols SA Season 9, u-Anele noNeliswa Mxhakaza? U-Anele ushade nozakwabo uSiyanqoba Mthethwa kulo nyaka ekubeni udadewabo uNeliswa ashada noSandile Makhubela ngo-2022.
Usaziwayo wethelevishini uCandice Modiselle ushade noSechaba Sello ngo-Ephreli. Noke waba nguMiss South Africa uNatasha Joubert ushade no-Enrico Vermaak eCavalli Estate eWestern Cape ngoMashi 16. Umdlali weKaizer Chiefs uFlávio da Silva uqinise ubudlelwano bakhe nonina wezingane zakhe, uZanira Gomes.
UZOZIBINI Tunzi noLuthando Bolowana
Image: Zozibini Tunzi/Instagram
ANELE Mdoda noBuzza James
Image: SIGCINIWE
U-ANDILE Dlamini noLulama
Image: SIGCINIWE
UFlávio da Silva noZanira Gomes
Image: SIGCINIWE
INKOSI uMalusi Zondi noNdlunkulu uNothile Khumalo
Image: FACEBOOK
UCLAIRE Mawisa nashade naye
Image: SIGCINIWE
UYANGA Sobetwa noNtsako Khoza
Image: SIGCINIWE
UCANDICE Modiselle noSechaba Sello
Image: SIGCINIWE