LINDA 'MR MAGIC' SIBIYA
Image: SIGCINIWE
NAMUHLA kunamuhla kubathandi bobumnandi baKwaZulu-Natal, njengoba kunoxhaxha lwemicimbi emadolobheni akulesi sifundazwe. Ngakho abanye abathandi bobumnandi abazi bawabhekise kuphi amabombo.
Ngaphandle kwemicimbi, izindlebe zizobe zilindele impi ephakathi koKhozi FM neGagasi FM. Ukuqiniswa kwesikimu seGagasi FM ngoLinda "Mr Magic" Sibiya noLungisani "Selbeyonce" Mkhize kwenza abanye bazitshele ukuthi Ukhozi FM lungase ludlele ogageni.
Yize kuKhozi kungakacaci ukuthi luzobe luhlasela ngabaphi abasakazi kodwa abantu abaningi bazobe befuna ukuzwa ukuthi ngubani ozogcina edle umhlanganiso phakathi kukaMawhoo noMafikizolo njengoba kuyibo ababukeka besethubeni lokudla umhlanganiso. Nakuba Umafikizolo egcine ezihola phambili ngengoma kamaskandi ethi Uyoncengwa Unyoko kodwa noMawhoo ubengazibekile phansi ngamavoti ngengoma yakhe yamapiano ethi Bengicela. Nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, uthe uzobe esakaza bukhoma kwiNgizwe Online nentokazi eyethula nayo iRoots kwiSABC1 uTebogo Mahlaela.
Ngakho akwaziwa ukuthi izogcina izale nkomoni. Uhlu oluphelele lwemicimbi yanamuhla lumi kanje:
NAMHLANJE
*ZIYAWA kwiKZN Year End eWembezi Stadium e-Estcourt, kusukela ngo-5 ntambama. Kuzobe kushiyelana inkundla Umafikizolo, Khuzani, Mthandeni SK, Dladla Mshunqisi, DJ Tira, Naledi Aphiwe, Sminofu, Menzi Mabizela, Nkeshemba, Mjolisi, Jumbo, Malusi Mbokazi, Ayanda Ntanzi, DJ Happy Gal, Babes Wodumo, Mzukulu, Inkonjane Emnyama, Q Twins, Phakamile Weza, CR-7 Amathonado, DJ Bongz, Nkanyiso Miya, Bullistic, Sosha, DJ Melz, Sparks Bantwana, Navigator, Mvuselelo Buthelezi, Iscukuthwane, Falabo, Jikijiki, Uphakade Akagugi, Ochopho, DJ Mekahle, DJ Irvin, DJ Boonaizer. Abaphathi bohlelo ngoTshatha, Zimdollar, Dulas, Gap Nganengane, Guzasta noGwala Lindo. Kungenwa mahhala.
*ZIYABUYA kuMhlathuze Sunset Fest eMhlathuze Sport Complex eRichards Bay. Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uKhuzani, uMafikizolo, Mthandeni SK, Limit, Mzukulu, Nkeshemba, Gatsheni, Goldmax, Sykes, Ayanda Ntanzi, Intaba YaseDubai, Njoko, Cevuzile, Qhosha, Phila Dlozi, Gadla, Navigator, Skillz, Saliwa noNdoni, Mroza Van Damme, Sgwebo Sentambo, Mshini Wemali, Mntuyenzwa, Mdumazi, DJ Amenisto, Makokorosh, Dansanie, Siba Musiq, Shakes Ngema, DJ Queen, Mthandeni Mbambo, Kini Shandu, Jabulani Shandu, Detective Nyawo woZalo nabanye.
*ZIYENZEKA kwiFact Durban Rocks yokugcina ngci ngaphansi kukaDJ Tira ePeople's Park: Moses Mabhida Stadium, eThekwini. Kuzobe kunandisa uTira, Goldmax, Young Stunna, Zee Nxumalo, Dlala Thukzin, Umafikizolo, Babes Wodumo, Danger weBig Nuz, Jazzworld & Thukuthela, Dladla Mshunqisi, Big Zulu, Pcee, Maphorisa, Professor, Oros, DJ Inn, Heazy, Captain, Surnoza, Campmasters, Beast, DJ Qhawe, Blxcie, Dankie, Blacks Jnr nabanye.
*INTAKA ibekelwe amazolo kwiLast Dance Music Festival eRoyal Showgrounds, eMgungundlovu, bazovela kwiSABC1 bukhoma. Kuzobe kushiyelana inkundla Umafikizolo, Jazzworld & Thukuthela, Dlala Thukzin, Zee Nxumalo, DJ Maphorisa, GL CeeJay, Dladla Mshunqisi, Big Zulu, Blaq Diamond, Skillz, Nkeshemba, Jumbo, Ayanda Ntanzi, Naledi Aphiwe, Mawelele, Goldmax, Professor, Nobuhle, Zakwe, Duncan, Pyramid & Noma Khumalo, DJ Sox, DJ Happygal, Mngadi, AmaSiblings, Stibobo, Luvabdi, Malini, Fey M, Dura, Mvuselelo Buthelezi, Cheese, Lucy Lu, Mzala Wa Africa, Chofy, Sonnet, Catc, Mcypo, Louis Hendricks nabanye abaningi. Abaphathi bohlelo nguNomalanga Shozi noRobert Booi ngokubambisana noMroza, Mafresh, Njinji, Bingelela Mpanza, Jabulani Shandu noJustice Kubheka.
*ZIYAHEPHENA kuBaqulusi Val' Unyaka Music Festival eCecil Emmett Rugby Stadium eVryheid, kusukela ngo-2 ntambama. Kuzobe kunandisa uKhuzani, Mzukulu, Goldmax, Thokozani Langa, Menzi, Dumakahle, Mfo kaMsezane, Ndoni, Happy Gal, Gqonqa, Mcebo, Shenge WaseHlalankosi,
NGOLWESINE
*UNYAKA uzovulwa ngezinga eliphezulu kwiNew Year Music Festival eNagle Dam. Kuboshelwe Umafikizolo, Mawhoo, DJ Bongz, Sparks Bantwana, Dulasi, Gab noMasaladi, Benzy, Sobs, DJ Kotini, Malini, Mfanomhlophe, Mjosti, Joocy, Oros, Swazy, Sgwili, Zakwe, T'zozo, Mastende, Andile KaMajola, Linda Sibiya, Kullerbox, Japan, Thukilelano nabanye.
*ZIYAHEPHENA kuMvoti Music Festival eMerthley Lake. Kuzobe kunandisa uKhuzani, Mawhoo, Naledi Aphiwe, Mzukulu, Menzi, Ntencane, Inkosi Yamagcokama, Nkeshemba, We Dem Boys, Dladla Mshunqisi, GL Ceejay, Goldmax, Shenge Wasehlalankosi, DJ Sonic, Nothile Ntuli, Collen Zondo, Selbeyonce, Just Josh, DJ Snazo, DJ Zonke, Elmo Groove, DJ Mabura, DJ Tonic, DJ Slim, Skinkily nabanye.
*ZIYADUMA kwiSiyashosholoza eNanda Dam kusukela ngo-10 ekuseni. Kuzobe kushiyelana inkundla uDaliwonga, uMafikizolo, Lordkee, Nkeshamba, Gatsheni, Dankie Boi, DJ Bongz, Mgilane, Zakwe, Malusi Mbokazi, Mr Show, Stibobo, Mkay Music, Siphokuhle Luthuli beGagasi, Zeal Dladla woKhozi FM, Tha Simelane, Ladybongz nabanye.
NGOLWESIHLANU
*ZIYAWA kwiDurban's New Year Carnival Parade ezosukela kuJoseph Nduli yehle ngoDr Prixley Seme iyophelela eCity Hall eThekwini, ngo-5 ntambama, lapho kuzobe kunandisa khona uProfessor, DJ So, DJ Bongz, DJ Cndo, Andile KaMajola noFikile Mlomo.
NGOMGQIBELO
*ZIYAPHENDUKA kuMgababa New Year Picnic 2026 eMgababa Beach, eThekwini, kusukela ngo-2 ntambama. Kuzobe kunandisa uT'zozo, uMafikizolo, Sox, Dladla Mshunqisi, Goldmax, Sparks Bantwana, DJ Skillz, Dankie Boi, Qwabe Twins, Happy Gal, Zakwe, Tipcee, DJ Kotin, We Dem Boyz, Bello, Malini, Qhosha, Bahubhe, Maqhinga, Fey M, Thukie, DJ Sobz, DJ Menace, DJ Dust, DJ Captain, Mastende nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe wuSthandwa Nzuza, Dulas, Madongwe, Flymotion, Thando The Comedian, Mondli Mzizi, Gab noMsalad, Oros nabanye.
*ZIYAKHIPHA kwiMthandeni Summer Experience ezinkundleni zaseMkhaliphi, eMdletsheni. Kuboshelwe uShenge Wasehlalankosi, Mjolisi, Mnotho, Spikili, Limit, Inkosi Yamagcokama, Mdumazi, Mjikelo, Jumbo, Ayanda Ntanzi, Thinah Zungu, Shwi, Mtekhala, Sgwebo, Mbuzeni, Swidi Gcabashe nabanye.
*ZIYADUMA kwiPMB New Year's Picnic eKZN National Botanical Gardens eMgungundlovu, kusukela ngo-11 ekuseni. Kunandisa Umafikizolo, Collen Zondo weGagasi nabanye.
SELBEYONCE
Image: SIGCINIWE
MAWHOO
Image: FACEBOOK
UMAFIKIZOLO
Image: FACEBOOK
NGIZWE MCHUNU
Image: SIGCINIWE