Ezokungcebeleka

Iyaphela indawo ka-Ayanda Borotho emdlalweni we-TV

Nokubongwa Phenyane|Published

U-AYANDA Borotho ulingisa indawo ephambili emdlalweni Ithonga nosekuqinisekisiwe ukuthi uyashiya kuyo

Image: Instagram

KUYAPHELA ngendawo elingiswa yinkakha yomlingisi, u-Ayanda Borotho, emdlalweni Ithonga, okhonjiswa kuMzansi Magic (161), phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.

Kulo mdlalo u-Ayanda ulingisa indawo kaThandeka, uMaKhumalo.

Isolezwe litshelwe nguye lo mlingisi ukuthi sekuphele izinyanga ezimbili eshiyile kulo mdlalo, njengoba indawo yakhe isifinyelele esiphethweni.

“Kulo nyaka kube nezingqinamba ezimbalwa ezithinta impilo yami kodwa uma kuziwa emathubeni omsebenzi, konke kuhambe kahle njengoba ngibe semdlalweni Ithonga kodwa sengihambile kulo mdlalo angazi noma bese benazisile yini. Ziphelile manje izinyanga ezimbili ngingasaqophi kuwo,” kusho u-Ayanda.

Uthe ube nesikhathi esimjabulisayo kuwona, akukho okubi okwenze bahlukana kabi.

“Ngiyabonga kulona lonke ithimba elibhekelele umdlalo ngokungipha ithuba elifana naleli, ukuya phambili ikhona eminye imidlalo engizobonakala kuyona okubalwa eyeNetflix emibili engijabule ukuthi ngiyingxenye yayo. Ngibheke eminye ukuya phambili onyakeni omusha,” kuchaza yena.

Isolezwe libe selixhumana neMzansi Magic ngalolu daba, nabakuqinisekisile ukuthi ngempela, iyaphela indawo ka-Ayanda.

“Siyabonga kakhulu ku-Ayanda Borotho ngegalelo lakhe kulo mdlalo nakweminye yethu. Njengoba indawo yakhe iyela emaphethelweni emavikini ambalwa ezayo, sinxusa ababukeli balo mdlalo ukuthi bajabulele okuzayo kuwo kuze kube u-Ayanda indawo yakhe iyagoqwa,” kusho abeMzansi Magic.

Kwenzeka lokhu nje, akucaci ukuthi lo mdlalo uzoba nayo yini isizini yesibili noma uzoqedwa ngonyaka ozayo.

Umdlalo Inimba wona unikwe isizini yesibili ngenxa yokuthi wenza kahle uma kuziwa kubabukeli.

I-M-Net yaveza ukuthi imidlalo ngeke besayiqhuba isikhathi eside ngakho ukuthi abantu bagcina bengayijabuleli bese belahlekelwa abakhangisi.