Ezokungcebeleka

Eyokubhiyozela ukulotsholwa kukanamba 2 enenge umkaFelix

Nokubongwa Phenyane and Zimbili Vilakazi|Published

U-FELIX Hlophe noTracy kulezi zinsuku abasematheni ngemuva kokusabalala kwe-video la uFelix ebemlanda khona kubo kamngani wakhe

Image: Sigciniwe

EYOKUKHONJWA ukuthi alungise izibiliboco zokubhiyozela ukuhamba kahle kwezingxoxo zelobolo likamnakwabo, kuthiwa yikho okudine uTracy Smith-Hlophe, oyinkosikazi yomsakazi wegagasi FM  uFelix Hlophe, yaze yaphimisela amazwi athi: “Sekungaphezu kwamandla”.

Lokhu kwenzeke ngoDisemba 15, njengoba kugcine kusabalala ama-video akhombisa uFelix edemelayisa, efuna izingane zakhe nomkakhe babuye ekhaya. 

Ngokusho kukanina kamngani kaTracy, uNkk Sindi Zuma, umkaFelix wayesebenza e-salon yakhe ethola ucingo lomyeni wakhe, emtshela ukuthi akaye ekhaya ayolungisa izidlo.

Uthe uTracy wathinta abangani, efuna indawo yokuhlala isikhashana nezingane zakhe. 

“Wagcina eya kwami eLa Lucia nezingane zakhe,” kusho uNkk Zuma.  

Uthe ngesikhathi ehlala phansi noTracy, wagonyuluka kuye washo ukuthi udinwe ukuthi uhambe wayolobola engahlalanga naye phansi, wase ecikwa kakhulu eyokuthi athi akayolungiselela izidlo zombhiyozo zokuhamba kahle kwelobolo. 

Uveze ukuthi ngoDisemba 20, uFelix ugasele e-salon kaTracy, wamphuca imoto, kwaphoqa ukuthi abuye esehamba ngemoto ekhokhelwe ngebanga elihambile.

“Kuthiwa wafika wathi ufelwe imoto yakhe, yingakho ezothatha ekaTracy. Sixakwa ukuthi usengaze aphuce umkakhe imoto kunokuthi ayothatha ayinika lo omunye,” usho kanje.

Uthe udaba lwabo lungenwe ngisho nawuLinda Sibiya, ebhulela umlilo uFelix, ethi ucela kube khona umhlangano, kuhlalwe phansi kuxoxwe, wathi ngosuku okuqoshwe ngalo ama-video kaFelix ebathuka, wayesekwazile ukudoba uTracy ukuthi eze emzini wabo bazokhuluma, maqede wamnika imoto, wamuyalela ukubthi akaye eLa Lucia ayolanda izingane, wathi wayesakhuluma naye, ebuza ukuthi kujikephi njengoba bekulindwe umhlangano nabazali obuhlelelwe izolo, ngeSonto, bezwa ngomsindo wokupipiza kwemoto kukhala umlibe.

“Kwakungabo-10.30 ebusuku ngesikhathi efika enza lokhu uFelix, kwaze kwashaya u-12. Kwagcina kufika amaphoyisa nabenkampani yonogaqa. Kwayima ngiphuma ngiya kuye, lapho afika angithuka khona,” usho kanje.

Uchaze uFelix emsola njengowesilisa "onesihluku", wathi uTracy akanamgogodla, wehluleka ancame ukuzimela eziwombeni zokuhlukunyezwa.  

UNkk Zuma udalule ukuthi uFelix uwumuntu wesilisa "ohlukumezayo, omphatha ngesandla sensimbi umkakhe", waveza ukuthi phambilini "uke wamshaya waba mabokoboko". 

“Inkinga kaTracy ukuthi akakwazi ukuzimela. Unenkinga yokuthi uncengile kuFelix. Akanamali, uzixakekele, uhlukumezekile, uyikho konke,” kusho uNkk Zuma.

Uveze nokuthi ngisho ne-salon ayibhaliwe ngaphansi kwegama likaTracy yize ezinkundleni zokuxhumana kudwetshwa isithombe sokuthi ngeyakhe. Ubalule nokuthi nezimoto ngokunjalo, okuye kuthiwa ziyizipho, uFelix amtotosa ngazo - azikho egameni likaTracy. 

Uveze ukuthi iningi lezinto ezibhalwa uTracy ezinkundleni zokuxhumana, ezenza samuntu ojabule emshadweni wakhe, "usuke ephoqwa wuye umyeni wakhe ukuze kudwebeke isithombe sokuthi bajabule, singaveli lesi esokuthi uhlukumezekile".

Uveze nokuthi kukhona isikhathi lapho ake apakisha khona ipotimende phambi kukanina kaTracy, wathi usahamba uyobona abangcono, wahamba ngempela, wathi ngesikhathi uTracy efika kwakhe, wazama ukushayela ucingo uFelix, efuna ukumtshela ukuthi umkakhe uhleli kwakhe kodwa uFelix wangalubamba, kwavela ukuthi uthe uluyeke ngamabomu ngoba unqena ukuba luhlaza. 

Ethintwa uFelix uthe: "....