U-DINEO Rasedile ozobe elingisa indawo kaGugu Mabaso emdlalweni omusha ozoqala ngeSonto kuMzansi Magic
Image: Sithunyelwe
UBONA ikusasa lakhe liqhakazile emkhakheni wokulingisa umlingisi uDineo Rasedile, okuzothi ngenyanga ezayo abonakale elingisa indawo kaGugu Mabaso emdlalweni othi Law, Love & Betrayal.
Lo mdlalo ozoqala ngeSonto ngo-9 ebusuku, kulindeleke ukuthi isizini yawo yesibili yona ibonakale ngonyaka ozayo, nayo esiqalile ukushuthwa.
Echaza ngalo mdlalo, uDineo uveze ukuthi uzogxila kakhulu kwezomthetho, ukungathembeki kwabashadile abazithole besebudlelwaneni obuhlukene.
U-PEARL Modiadie ozoba yingxenye yalo mdlalo naye
Image: Sithunyelwe
"UGugu ungowesifazane osemncane okhulele elokishini futhi ongummeli, uzithola ehlangana nomndeni ohlukene phakathi onefemu yabameli, iGumede & Associates, esendaweni iSandton. Le ntokazi esencane ekufunayo ukuthi ikhule emkhakheni ewufundele kanzima kodwa izinto azihambi ngendlela yayo ifika kule femu, njengoba ithola ukuthi kulezi zindonga ezinhle esingene kuzo kugcwele izimfihlo zomndeni, amanga, abantu abangenazwela nokungathembani," kusho uDineo.
Uthe ngalesi sikhathi uGugu esazama ukubona okwenzakalayo, ugcina esezithola naye engene shi ezintweni ezimbi, nasezimfihlweni ezinzima zalo mndeni nezibeka ikusasa lakhe engcupheni ukuthi aqhubeke esebenza.
"Wumdlalo engicabanga ukuthi uzovula abaningi amehlo ngezindawo esisebenza kuzo, kimi kusho lukhulu ukuthola ithuba lokulingisa indawo ephambili emdlalweni walolu hlobo. Ngiyanxusa abantu ukuthi bawubuke bezobona ukuthi iziphi izinkinga ezihlukene abantu - intsha kakhulu - ababhekana nazo ezindaweni abasebenza kuzo," kusho yena.
Kwabanye babalingisi abazobonakala kulo mdlalo kubalwa uNimrod Nkosi ozolingisa indawo kaGatsha, Pearl Modiadie, Anelisa Phewa, Siya Sipotokele nabanye.
AbeMzansi Magic baveze ukuthi iziqephu ezingu-13 zalo mdlalo ziqoshwe yinkampani Izwi Multimedia, uphrojusa wayo okunguThandi Ramathesele.
Related Topics: