UFELIX Hlophe nomkakhe uTracy osekuvele ukuthi asisihle isimo phakathi kwabo ngemuva kokuthi uFelix ehambe wayolobola unkosikazi wesibili
Image: FACEBOOK/FELIX HLOPHE
USEZIPHENDULELE ezinsolweni zokuhlukumeza akade esolwa ngazo umsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe okumangale abaningi kusabalala ivideo yakhe ebonakala ezolanda umkakhe uTracy, nezingane zakhe komunye wemizi eThekwini.
Isolezwe elinayo le video uFelix kubonakala eba nokushintsha namazwi nabesifazane naye umkakhe emtshela ukuthi abahambe baye ekhaya.
UTracy kuvela ukuthi ushiye emzini wakhe noFelix ngemuva kokuthi ehambe wayolobola owesifazane ozoba unkosikazi wakhe wesibili, u-Ayanda Bhengu.
Kuthiwa lokhu akumphathanga kahle uTracy, othathe isinqumo sokuhamba aye kubo kamngani wakhe ayohlala khona.
Eziphendulela uFelix uveze ukuthi uTracy wahamba emzini wabo ngemuva kokuthi emenywe umngani wakhe, nagcina ngokuthi ehambe nezingane nomkhwekazi wakhe.
“Ngiye kuloya muzi ngoba bengiyolanda izingane zami kanye naye umkami. Ngesikhathi ngifika khona kube khona ukujikijelana kwamagama kwanyuka nemimoya kodwa akekho umuntu oshayiwe. Ama-video abonakala ezinkundleni zokuxhumana awavezi konke okwenzekile aveza okuncane okwenzekile. Kukhona konke lokhu amaphoyisa abiziwe, kanye nonogada bezinkampani ezizimele, akekho oboshiwe futhi akukho cala elivuliwe emaphoyiseni,” kusho uFelix.
Uthe amaphoyisa akhale ngakho izinhlamba namagama angehli kahle akade ebhekiswe kumkhwekazi wakhe, ngesikhathi bephendulana.
“Yize kube isimo esingesihle lesi, kodwa unkosikazi wami nezingane zami babuyelile ekhaya bephephile, ngidle nabo usuku lukaKhisimuzi kunokuthula kumnandi futhi singumndeni nomkhwekazi wami ekhona. Ngithanda ukubonga wonke umuntu ongithintile ngenxa yokuthi bebekhathazekile ngabakubonile. Mina nomkami sikhetha ukuthi kube nokuthula hhayi ingxabano,” kusho yena.
Isolezwe lithole ukuthi uFelix ufike washaya umsebenzi wasengadini wesilisa wala bekuhleli khona unkosikazi wakhe.
Umthombo uveze ukuthi ubenolaka olungachazeki uTracy engafuni ukuhamba naye kodwa yena efuna ukubathatha ngenkani.