Ezokungcebeleka

Imbibizane uKhuzani ekhala ngaphansi embangweni wengoma

Charles Khuzwayo|Published

UKHUZANI ukhale ngaphansi embangweni wengoma

Image: SIGCINIWE

USENZO Khumalo ophoqe uKhuzani ukuba ahoxise ingoma esihloko sithi Nisheshe Nangijaja

Image: SITHUNYELWE

KUNQOBE umculi wokholo embangweni wengoma obuphakathi komculi kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose nomculi wokholo, uSenzo Khumalo.

Umculi wokholo ubesola uKhuzani ngokweba ingoma yakhe esihloko sithi Nisheshe Nangihlelela, wayetha kabusha isihloko esithi Nisheshe Nangijaja. Nakuba ekaKhuzani ishaywe ngesigqi esihlukile kodwa iyezwakala ukuthi ingeyokholo.

EkaKhuzani ikwi-albhamu yakhe yakamuva esihloko sithi Inhlanhla Iza Nebhadi ephume ngoNovemba 21, ekubeni ekaSenzo yaphuma ngo-2020.

"Ngodaba lwengoma, nami ngamangala uma ngizwa abantu bengibhalela ngayo. Ngalalela ngayithola ngempela njengoba injalo, sekushintshwe nje izinto ezincanyana," kusho uSenzo.

USenzo uthe inhloso yokukhala ngale ngoma akukhona ukugqwaba udumo ngoKhuzani kodwa ukulwela amalungelo nokumela umsebenzi wakhe, "okumele uhlonishwe." Uthe lolu daba ulufake kwabamele amalungelo abaculi ukuze bamlekelele.

UKhuzani uvumile ukuthi ngenxa yombango uphoqelekile ukuba ayisuse ingoma.

"Ngenxa yegama elithi Nisheshe Nangijaja sithole ukuthi leli gama lake lasetshenziswa womunye wabaculi engimhloniphayo wokholo, sikhethe ukuyisusa ingoma ngoba ibizogcina isiphoqa ukuthi sisuse i-albhamu yonke."

UKhuzani uthe bazamile ukukhulumisana noSenzo bethi akasale esethatha yonke imali ezotholakala ngokudayiswa kwale ngoma kodwa ingakhishwa ezitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu bayayithanda kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

"Bathe (oSenzo) abathandi ukukwenza lokho. Abeluleki bami bathe nakuba icala besingaliwina ngenxa yezinhlamvu ezincane ezifanayo kodwa ukugwema umsindo futhi kube nokuthula, sikhethe ukuyisusa ingoma ukuze nabo (oSenzo) bezokhululeka emoyeni," kubhala uKhuzani kwiFacebook. 

USenzo akusiye umculi oyivukane emculweni kodwa usemnkantshubomvu kule ndima. Waziwa kakhulu ngamanoni athi Kuseyimi Lo, Kunendoda nelithi Sewuvele Wenzenjalo. Lo mculi uphinde wazakhela ugazi kubathandi bomculo wokholo aziwe kakhulu ngokubhalela abaculi abaningi izingoma abanjengoThinah Zungu noDumi Mkhokstad ingoma ethi Kubonakale Ngami nethi This Is My Time. Waphinde wabhalela uThinah Zungu ethi My Number One nethi Amazulu Ayalungisa. Wadlulela kuSgwili wamlobela ingoma ethi Siyanqoba noLindani Gumede ambhalela ingoma ethi Igama Lakho

USENZO Khumalo unqobe uKhuzani embangweni wengoma

Image: SITHUNYELWE