Ezokungcebeleka

UPearl usefanise abamgxekayo njengabanesihluku

Nokubongwa Phenyane|Published

U-PEARL Thusi oseveze ukuthi imphathe kabi indaba yokugxekwa ngenkulumo ayiveze enkonzweni yesikhumbuzo sikaDJ Warras

Image: SIGCINIWE

USAZIWAYO wakuleli, uPeral Thusi, useveze ukuthi zimphule inhliziyo futhi zamzwisa ubuhlungu ezinye izinkulumo ezibhalwe ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwenkulumo yakhe ayethula njengomngani enkozweni yesikhumbuzo kaDJ Warras.

UPearl ubhale emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana indlela athi uphatheke kabi ngayo, njengoba abantu "bekhombise ubulwane".

NgoLwesihlanu, uPearl, enkonzweni yesikhumbuzo kaWarrick Stock (40), uveze ukuthi ubudlelwano babo bebubuhle kakhulu ngale ndlela yokuthi, wake wamcela ukuthi alale naye ukuze angaselwa ashiywe yibhanoyi.

Uthe wavuma ukuthi balale ndawonye noWarras owamcela ukuthi ambambe embhedeni kodwa konke kwenzeka njengabangani.

"Wayesaba ukuthi uzoselwa ngakusasa, bese eshiywa yibhanoyi esasizohamba ngalo sonke, wabe esecela ukuthi azolala nami endlini futhi ngimbambe ukuze afudumale. Ngakhombisa ukubabaza ngalokhu ayekusho kodwa wakubeka kwacaca ukuthi mina naye singabangani, akukho okuzokwenzeka phakathi kwethu, ingoba nje unovalo lokuthi uzoselwa," kusho uPearl.

Le nkulumo abaningi bayigxekile, basola uPearl ngokuthi bekungamele akhulume kanjena ngezinto ababezenza noWarras uma behambile.

Bathe imveza ukuthi ungowesifazane onjani.

Bamsole ngokuthandwa ukubukwa, abanye bathi le nkulumo ngeke ize ifike kahle kowesifazane obesebudlelwaneni bezothando noWarras, ekubeni esezinhlungwini.

Eziphendulela uPearl, usole abantu abamgxekayo njengabanesihluku abenza izinto ngesikhathi esingafanele.

"Izinhliziyo zenu zimbi kakhulu futhi engifuna ukukusho ukuthi amazwi enu abebuhlungu kimi. Ngiyathemba ukuthi singasebenza kanzima ekutheni nisho izinto ezibuhlungu ngami ukuze sithole izinto ukuze sibe nezwe eliphephile. Ngiyaxolisa ukuthi ebengikukhuluma ngokweqiniso ngiveza indlela engizizwa ngayo ngempela, kucasule abaningi. Ngikulibele ukuthi abantu abazi uWarras kuphela," kusho uPearl.

Uthe uma manje kungadlulwa kulesi simo, bese kubhekanwa nezinto ezibalulekile ezingenza ushintsho ezintweni esibhekene nazo kuleli.

UWarras kulindeleke ukuthi afihlwe kuleli sonto osukwini oluzomenyezelwa umndeni.