Ezokungcebeleka

Bakhale nangobunzima buka-2025 osaziwayo

Nokubongwa Phenyane|Published

U-AYANDA Borotho

Image: X

BABONGA ukuthi baficwe yisikhathi sikaKhisimusi osaziwayo abahlukene bakuleli yize bethi unyaka ka-2025 ubunezinselelo zawo ezihlukene.

Isolezwe lixhumane nosaziwayo emikhakheni ehlukene nabafisele abantu bakuleli isikhathi samaholidi esimnandi kodwa babadonsa ngendlebe ukuthi bazigade.

UDUMI Mkokstad

Image: Sithunyekwe

Umlingisi womdlalo Ithonga, u-Ayanda Borotho, uthe ukuzilela iwele lakhe iyona into abesabhekene nayo neyenze abe nonyaka ongemuhle.

"Ngiyabonga kakhulu ukuthi ngifike kulesi sikhathi esikusona manje. Ukushonelwa iwele lami kube yinto enzima kakhulu obekumele ngibhekane nayo ngisho kulo nyaka. Kodwa ngiyambonga uNkulunkulu ngokuhamba nami, kuhle konke njengoba uze waphela unyaka ngisebenza futhi manje kukhona eminye imidlalo emibili engizobonakala kuyo kuNetflix," kusho u-Ayanda.

Uthe uyanxusa ukuthi abantu baziphathe kahle ngamaholidi, baphuze bazibheke bahlale emakhaya.

Xolly Mncwango

Image: Sigciniwe

Umculi wokholo, uDumi Mkokstad, naye uveze ukuthi lo nyaka ube nezingqinamba ezihlukene njengoba bekudingeka ahlanganise imicimbi emikhulu emithathu nobekungeyokuqala ukuyenza.

"Ngiyambonga uNkulunkulu ngokungipha amandla okuthi yomithathu le micimbi ibe yimpumelelo, benginovalo ngisaqala ukwenza emibili kodwa owaseThekwini, iwona ongenze ngabona ukuthi ngisebenzile kanzima, nethimba lonke ebengisebenza nalo. Ngifisela wonke umuntu amaholidi amnadi kaKhisimusi, abantu bazibheke futhi balindele ukuthi kuphume umsebenzi wami ngonyaka ozayo lo obesiwuqopha e-ICC," kuchaza uDumi.

Jacinta Ngobese-Zuma

Image: Supplied

UXolly Mncwango ongumculi wokholo, naye uveze ukuthi yize kube unyaka obumuhle kodwa kube nezingqinamba ezihlukene ebezingezinhle.

"Ngibe nonyaka omuhle uma kuziwa ngasemsebenzini wami, ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongeseke ngesikhathi ngenza imicimbi ehlukene. Ngithi nje uKhisimusi omuhle noNcibijane omnandi kubona bonke abantu bakuleli kodwa ikakhulu abalandeli bami," kusho uXolly.

UJacinta Ngobese-Zuma wenhlangano elwa nabokufika abangenamvume yokuba kuleli, iMarch and March, uthe yize umsebenzi usaqhubeka ngonyaka ozayo kodwa manje abantu bajabulele isikhathi samaholidi bazinakekele, bahlale nemindeni yabo.

"Isikhathi sothando lesi, abantu okumele bahlale bejabule ngaso. Ngiyacela abantu bachithe lesi sikhathi samaholidi bekhombisana uthando. Kodwa ngonyaka ozayo ngiyanxusa ukuthi umsebenzi siwusukumele sonke silwele izwe lethu," kusho uJacinta.

Labo saziwayo basho kanjena nje, nephephandaba lakho Isolezwe lifisela abafundi balo uKhisimusi omuhle.