UDJ Warras
Image: X
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
Inkampani yakhe ibiphinde isebenze ukuqapha imicimbi esezingeni eliphezulu kanye nokugada izakhiwo ezidunwe yizigebengu kanye nezenzo zobugebengu enkabeni yedolobha iGoli.
Umndeni wakhe esitatimendeni osikhiphile uveze ukuthi usathukile ngokwenzekile futhi ucela ukubekwa emikhulekweni ukuze ubhekane nalesi simo.
Lokhu kuvezwe uDkt Mgcini Tshwaku omele uMnyango wezokuPhepha koMphakathi kuMasipala waseJohannesburg.
Uthe ebantwini abahlanu abathathwe ngamaphoyisa kukhona nalona wesifazane obengahlali kuleli bhilidi kodwa obenamagumbi aqashise kuwo.
Lona wesifazane uthe ungabanye babahlanu uDJ Warras akade esebenzele izincwadi zokuthi bangasondeli kuye emaphoyiseni, ngenxa yokuthi ubehlala ethola ukusatshiswa.
"Okwamanje amaphoyisa abathathe laba abahlanu kuphela, ukuze ayobaphosa imibuzo. Lona wesifazane kuvela ukuthi wake wamsabisa uDJ Warras ngaphambili, njengoba ayejwayele ukufika kuleli bhilidi azobheka ukuthi kwenzakalani ngenxa yokuthi kulo bekuhlala abantu ngokungemthetho njengoba lisetshenziswa abantu abaqhamuka emazweni angaphandle," kusho uTshwaku.
Uveze ukuthi kubajabulisile ukuthathwa kwalaba abayophoswa imibuzo njengoba kucacela nengane encane ukuthi bakhona abazoboshwa maduzane ngalesi senzo.
U-DJ Warras waseVryheid, udutshulwe ngoMsombuluko, ngabantu abathathu akade bemlinde ngaphandle kwaleli bhilidi, njengoba ebelwa nokudliwa ngodli kwamabhilidi angasasebenzi ngabantu basemazweni angaphandle.
UWarras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services, kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
Inkampani yakhe ibiphinde isebenze uqapha imicimbi esezingeni eliphezulu kanye nokuqapha izakhiwo ezidunwe yizigebengu kanye nezenzo zobugebengu enkabeni yedolobha iGoli.
I-SABC ibike ukuthi inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba eGoli, namhlanje.
Related Topics: