UMPHATHISWA wezeMidlalo, amaCiko namaSiko ngesikhathi ethula uhlelo lwamaciko ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi
Image: Sithunyelwe
SEKUNXUSWE abahleli bemicimbi ukuthi bakukhuthalele ukuhlela imicimbi emikhulu ngesikhathi samaholidi kaDisemba, ukuze kunqandeke ukuthi abantu basuke kude baye emadolobheni amakhulu, uma befuna ukuzitika ngobumnandi.
Lokhu kushiwo uMphathiswa wezeMidlalo, amaSiko nezobuCiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ngenkathi ethula uhlelo lwamaholidi kaDisemba kwabezindaba eKZN Music House, eThekwini, ngoLwesibili.
BEBUBUZWA eThe Music House eThekwini, ubumnandi izolo, ngesikhathi kwethulwa uhlelo lwamaciko lwangesikhathi samaholidi njengoba eseqalile
Image: Sithunyelwe
UKhawula uthe amaciko awakhuthalele ukuba nemiqondo yokwenza imicimbi ehlukene ezobanjelwa ezikhungweni abanazo kulesi sifundazwe ezithe chithi saka.
"Ngiyajabula ukuhlangana namaciko ukuze sizoxoxa ngemicimbi ehlukene esijwayele ukuthi sibe nayo ngalesi sikhathi. Engikukhuthazayo ukuthi amaciko ake asabalale ngokomqondo ahlele imicimbi engeke ibanjelwe lana emadolobheni amakhulu kuphela kodwa nakwamancane, ukuze abantu bangahambi amabanga amade behambela imicimbi besuka kude. Ngiyanitshela, lethani esenikucabangile kithi njengomnyango ukuze sikwazi ukuninika uxhaso," kuchaza uKhawula.
Uthe konke ukushiya ezandleni zamaciko njengoba imali esemnyangweni kungeyawo futhi kumele iphumele imicimbi eqondile.
"Enye into okumele niyisukumele ukwenza imicimbi lapho abantu besuke becula khona bukhoma njalo ezikhungweni esizakhile. Kumele kwaziwe ukuthi endaweni ethize njalo ngoLwesihlanu, kusuke kukhona abaculi abanandisayo. Maciko yenzeni le micimbi ukuze nikwazi ukuzenzela okwenu, thina sonisiza futhi singafuni nesenti," kusho yena.
Uveze ukuthi njengamanje miningi imicimbi abayixhasile kulesi sifundazwe nabaziqhenyayo ngayo kusuka ngoKhisimusi kuze kube uNcibijane.
Imicimbi yokuvala unyaka athe bayiqale eWembezi ngonyaka odlule, izoba khona nakulo nyaka futhi abafuni ukuwenzela endaweni eyodwa kodwa emadolobheni ehlukene.
"Umcimbi lona esifuna ukuthi kuqashwe kuwona amaciko ehlukene ngoba kusiza wona. Ngifuna emicimbini yalolu hlobo ibe namaciko acula umculo ohlukene, hhayi inhlobo eyodwa kuphela," kuchaza yena.
Uveze ukuthi akufunayo manje ukuthi kuqale phansi kuxhaswe amaciko namaqembu acula umculo wombaqanga, ukuze ungafi.
Uthe lolu hlobo lomculo olwakulesi sifundazwe ngakho abahleli bemicimbi kumele babaqashe abantu noma amaqembu amabili noma elilodwa.
Kulesi sithangami amaciko abephume ngobuningi bawo ukuzozwa izinhlelo abekelwe zona kanjalo nabaphathi bezikhungo zamaciko eThekwini.
Related Topics: