Umpheki uChef Sane ozobe engomunye wezikhulumi emcimbini weNtandokazi
Image: Sithunyelwe
UTHEMBISA ukushiya abesifazane abazohambela umcimbi weNtandokazi ngoMgqibelo namaresiphi abazowasebenzisa ekuphekeni izitshulu zabo abazozidla ngoKhisimusi umpheki osezakhele igama uChef Sane Kheswa, ongomunye wezikhulumi eziqavile kulo mcimbi.
UChef Sane oneminyaka angena emkhakheni wokupheka, uthe abesifazane abazoza kulo mcimbi bazoba senhlanhleni njengoba ebalungiselele amaresiphi okwenza inyama ehlukene nerayisi elehla esiphundu lakwaSpekko.
"Mina ngiyakwazi ukupheka, ngizishaya isifuba ngalokho. Kungijabulisile ukuthola ithuba elifana naleli ukuthi ngizocobelela abesifazane ngokudla okuconsisa amathe njengoba kuzoba matasa kuphekwa emizini eminingi. Ngizobatshela ngezindlela ezihlukene zokwenza ukudla kuhehe usakubuka, indlela yokudeka itafula, izitsha abangazisebenzisa nokunye okuningi engizobacobelela ngakho," kusho uChef Sane.
Uthe yena ungene kulo mkhakha ngo-2006 ngemuva kokuqala azifundise ukubhaka wase egcina engena emkhakheni wokushaya ibhodwe.
"Ukuthanda ukuthinta ukudla kwangisiza kakhulu ngabona ukuthi yini engithanda ukuyenza, ngakhetha ukuya esikoleni sokupheka eMhlanga ngo-2018. Yilapho ngafunda khona indlela yokwenza ukudla emkhakheni webhizinisi ngaphuma emqondweni ngizitshela ukuthi ngizoba umpheki wasemicimbini nokwazala ukuthi ngikhiphe incwadi ngibe umeluleki ebantwini abafika bezofunda kimi okukhona kubo nezingane."
Uthe ebantwini abafundisayo akukhuthazayo ukuthi bazinikele emsebenzini abawenzayo futhi benze ukudla okuhambisana nesikhathi samanje baphinde basebenzise nemihlobiso ezoheha.
Kwabadinga ulwazi uthe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana lukhona futhi unencwadi etholakala kwi-website nasesitolo sabo esisePinetown.
Ngencwadi uthe ngendlela enothe ngayo ngolwazi ingaba wusizo kwabaphekela imicimbi emikhulu ngoba konke okukuyo ukubhale ngendlela enolwazi oluningi.
Ngenxa yesasasa lamakilasi akhe uveze ukuthi sekuke kufike abantu baseZimbabwe naseZambia.
Related Topics: