UDJ Tira ungezinye zezingwazi ezihlonishwe yiGagasi FM kwiBeach Fest ePeople's Park ngoMgqibelo
Image: Facebook/Gagasi FM
KUHLONISHWE amaciko agqamise iKwaZulu-Natal ezweni nasemhlabeni jikelele ngomculo emcimbini iGagasi FM Beach Festival ebisePeople’s Park, eThekwini, ngoMgqibelo.
Le ndumezulu yomcimbi ebigubha iminyaka engu-12, iqale ekuseni yaze yaphothulwa phakathi kwamabili.
Abantu, abebewathenge aphela amathikithi, baqale ukuthutheleka khona ekuseni kwazise eminye yemihlomulo yokusheshe ufike bekuwukungena mahhala ne-coolerbox.
Umsakazi weGagasi FM uFelix Hlophe ungomunye wabebephethe uhlelo kwiBeach Fest ePeople's Park
Image: Facebook/Gagasi FM
Kuthe umcimbi usuqhubeka kwahlonishwa abaculi baseKZN ngokuba ngamavulandlela emculweni, ikakhulukazi womdanso.
Abahlonishiwe kubalwa kubo uDJ Tira, DJ Sox, Professor, Big NUZ, Babes Wodumo, T’zozo noDJ Bongz.
Kudlalwe izingoma zabo kwaba nabadansi esiteji.
Omunye wabebethamele iGagasi FM Fest edansa emcimbini
Image: Facebook/Gagasi FM
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, ubonge kakhulu abantu ngokuphuma ngobuningi babo ukuzojabula nabo.
“Sibona isasasa lomcimbi linyuka unyaka nonyaka, nokwenza ukuthi nathi sizame ukwenza konke okusemandleni ukwenza ukuthi nawo umcimbi ukhule. Siyabonga kakhulu nokubambisana esibe nabo nabaxhasi balo nyaka, nabadlala indima enkulu ukwenza umcimbi ube yimpumelelo,” kusho uKhulekani.
Emcimbini kushiyelane inkundla abaculi noDJ okubalwa kubo uDuncan noZakwe, NAG, Umafikizolo, Cici, Okmalumkoolkat, Mawhoo, Sjava, DJ Tira, DJ Sox, Dladla Mshunqisi nabanye.
Kucule nezingwazi zekwaito uMdu Masilela neTrompies.
Abasakazi beGagasi FM nabo bebengazibekile phansi abanye bephethe uhlelo abanye benandisa ngomculo.
Izulu liziphathe kahle njengoba belipholile. Like lathi ukukhemezela kodwa lasheshe ladlula.
Related Topics: