UTEBOGO Thobejane ushaya amakhala ngokuthandwa kukaVusi "Cat" Matlala
Image: Picture: Instagram/tebogocthobejane
UMLINGISI wodumo kwiMuvhango nakwiDiep City, uTebogo Thobejane, ushaya amakhala ngokuphenduka isilomo ezinkundleni zokuxhumana kobeyisoka lakhe, uVusimuzi "Cat" Matlala.
Emuva kokuba evele phambi kweKomiti lasePhalamende ebelimvakashele ejele agqunywe kulo, iKgoši Mampuru II Correctional Centre ePitoli, uMatlala uphenduke undabamlonyeni, ikakhulukazi kwabesifazane ebebencoma imiswenko nokubukeka kwakhe.
UTebogo, owayenguBelinda kwiMuvhango futhi enguTsholo kwiDiep City, uthukuthele wanikela ku-Instagram lapho edlulise khona ulaka lwakhe ngokunconywa kukaMatlala ezinkundleni zokuxhumana. Le ntokazi ithe kukhona okushaya amanzi "ukuthi ngokuphazima kweso isizwe sonke sithande umuntu ebesimesaba."
UTebogo usole ukuthi kunesandla sesithathu esimatasatasa nokuzama ukugeza igama likaMatlala emphakathini. "Uqaphelile ukuthi ama-blogs avele enza kwaba nesasasa nokuthi umqondo wezwe lonke ushintshe kanjani ngokuphazima kweso Thina njengesizwe, sithatheka kalula. Sikhohlwa wubugebengu bangempela, abantu abalinyazwa nemiphefumulo ephumile. Sivumela amandla ahlanakezele iqiniso phambi kwethu."
UTebogo uthe kulula ukuthi abantu bahleke bese bekhohlwa wubugebengu bangempela obenzeka nabantu bangempela abahlukumezekile. Uthe noma kungenziwa kanjani ukuhlanza igama likaMatlala emphakathini kodwa ngeke bakwazi ukulungisa wonke umonakalo odalekile. "Ekupheleni kosuku, umthandazo iyona nto kuphela esinayo ngoba uNkulunkulu ubona konke."
UMatlala ubevele phambi kweKomiti lasePhalamende ngenxa yezinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, owasola ukugxambukela kosopolitiki embuthweni wamaphoyisa kuleli. UMatlala ubhadla kuleli jele nje ubhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokuzama ukubulala, ukwakha itulo lokubulala, inkohlakalo nelokuholela amaphoyisa Ophathe.
UTebogo, oke wethula iCity Girls kwiPodcast and Chill with MacG Network, ukhuluma kanjena nje wayengamathe nolimu noMatlala eseyisinqandamathe sakhe. Sekungumlando ukuthi ubudlelwano babo baphela kabuhlungu kangangoba sebeyinkukhu nempaka emuva kokuba uTebogo adutshulwa onyaweni ngesikhathi elalelwe unyendle ngo-Okthoba 2023.
Kuleso sigameko umngani kaTebogo wagcina ekhubazekile. Yilesi sehlakalo okusolwa ukuthi senziwa nguMatlala nobhululu bakhe.
UVUSI "Cat" Matlala eswenke ngehembe leBurberry ngesikhathi efakaza eKgoši Mampuru Correctional Centre
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers