UMLONDI Thusi ozoqala ukubonakala ngoLwesihlanu emdlalweni iGenerations: The Legacy
Image: Sithunyelwe
UMLINGISI obebonakala ethola izindawo ezincane emidlalweni ehlukene kuleli uMondli Thusi, waseNewcastle, uthe usebenze kanzima ukuze abe yingxenye yabalingisi bomdlalo iGenerations: The Legacy.
UMondli ozoqala ukubonakala ngoLwesihlanu kulo mdlalo, uzolingisa indawo ka-Isaac, okungowesilisa ongumseshi ofika enze ushintsho emphakathini akuwo, nathi kuzoguquka izinto kulo mdlalo okade waba khona kuleli.
Ekhuluma ngokuthola leli thuba, uMondli uthe kufezeke iphupho lakhe leminyaka ngokuba semdlalweni ofana nalona.
"Ngesikhathi ngikhula, bengingomunye wabantu abafuna ukuzibona ngilingisa kulo mdlalo. Bengizibona ngiwumlingisi omkhulu ngizimatanisa nabanye ababeyingxenye yawo manje abadumile ngenxa yawo, ngakho nami kusho lukhulu ukuthi ngigcine ngikuwo. Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi angivulele ithuba elifana naleli, ngisebenze kanzima ukufeza iphupho lami," kuchaza uMondli.
Uveze ukuthi yize eseke wabonakala kweminye imidlalo emikhulu efana neScandal!, Isibaya, Bettina Wethu neminye, kodwa lukhona uvalo njengoba eseza esiteshinini esibukwa abalandeli abaningi nathemba ukuthi bazomamukela kahle.
"Ngibonga umzala wami uMusa Mseleku okwathi ngiphuma ekubeni wumsakazi, sengifuna ukugxila kwithelevishini wangithatha ngasebenza njengetoho ohlelweni uThando Nes'thembu, ngaphansi kwenkampani yakhe iThanx Ma. Kulapho engahlangana nabantu ngase ngithola umsebenzi wami wokuqala wokuba yiphoyisa emdlalweni Isibaya ngangabe ngisabheka emuva," kuchaza yena.
Uthe manje naye usenenkampani yakhe esiza intsha efuna ukungena ekulingiseni, ngayo asesebenze nemidlalo okukhona kuyo iThe Queen, Bettina Wethu nePimville.
UMondli uveza lezi zindaba nje, lo mdlalo usanda kujoyinwa ngabanye abalingisi okukhona kubo uSparky Xulu, Bheki Sibiya noRonnie Nyakale.
Maphakathi kwalo nyaka wethule abanye iSABC eyaveza ukuthi ngabo ifuna ukukhulisa lo mdlalo.
Related Topics: