USOLLY Moholo ozohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement Award emcimbini walo nyaka wamaSAMA
Image: Sithunyelwe
UZOHLONISHWA ngendondo iLifetime Achievement, emcimbini ka-31 wamaSouth African Music Awards, umculi wowokholo odlule emhlabeni ngonyaka odlule ngemuva kokugula isikhathi eside uSolomon Majafela Molokoane, obedume ngelikaSolly Moholo.
Lokhu kuzokwenzeka ngoDisemba 14, emcimbini okulindeleke ukuthi ube seJohannesburg, endaweni engakamenyezelwa.
USolly obesekhiphe ama-albhamu angu-15, okukhona kuwo eyaduma kakhulu ethi Ba Mmitsa Tsotsi, kuzohlonishwa igalelo lakhe lokuthatha umculo webandla iZion Christian Church (ZCC), awufake izinsimbi ezihambisana nemidanso ayegxuma kuyo.
UNhlanhla Sibisi ongumphathi wenkampani iRisa ehlela amaSAMA uveze ukuthi uSolly akagcinanga nje ngokwaziwa ngokucula izingoma zokholo, kodwa uhlobo lomculo wakhe wenza lwaziwa futhi lwajatshulelwa abaningi.
"Wathatha izingoma zokholo eziculwa enkonzweni waziyisa emphakathini nalapho zajatshulelwa khona, wagcina ezisabalalisele ngisho emazweni angaphandle afana neBotswana neSwaziland, zabuyisa ukholo kwabaningi ngendlela engachazeki. Ngisho esedlulile emhlabeni , kodwa umculo wakhe usaqhubeka nokuba yisikhuthazo kwabaningi futhi uyakwazi ngisho ukududuza kulabo abasosizini. Ngakho le ndondo esizomhlonipha ngayo njengeRisa, iwukukhombisa ukuthi ubeyiqhawe lethu nokuyoba yisikhumbuzo ngisho esizukulwaneni esizayo," kuchaza uNhlanhla.
Uveze ukuthi okunye abakwaziyo ngoSolly wukuthi ubengeyena nje kuphela umculi, kodwa emphakathini abephila kuwo ubelwa nobugebengu, futhi ethanda ukusiza amaciko asafufusa afana noWinnie Mashaba, amaqembu akhe awasungula okukhona kuwo iMakgarebe A Bochabela neBana ba Solly Moholo.
Related Topics: