UMCULI ocula owokholo uRebecca Malope kuleli sonto ozobonakala elingisa emdlalweni iGenesis
Image: Sithunyelwe
UMAKADEBONA emculweni wokholo uRebecca Malope, uthi kuveze uhlangothi lwakhe abengalwazi ukubizwa azolingisa iziqephu ezimbalwa emdlalweni iGenesis, okhonjiswa phakathi nezinsuku kuMzansi Magic.
URebecca kulindeleke ukuthi avele kulo mdlalo kuleli sonto nalapho ezolingisa indawo engahlukile kakhulu kuneyangempela, njengoba engumculi onamava futhi ozosiza abaculi abasathuthuka.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo uthe kuveze elinye ithuba alijabulele njengoba ukulingisa kungenye indlela yokuxhumana nabalandeli bakhe ehlukile emculweni.
"Ngikhethe ukuba yingxenye yalo mdlalo ngoba ukhuluma ngomkhakha engikuwo. Ngibone kungcono ukuthi ngenze enye into ezongijabulisa futhi nengazi kahle ukuthi ngiyijwayele njengoba umdlalo ugxile kakhulu emculweni wokholo. Nendawo engizobe ngiyilingisa kube eyomuntu engiwuyena ngempela njengoba eyikholwa, ngakho konke kuvele kwaba lula uma sesiqopha," kuchaza uRebecca.
Uthe akangabazi ukuthi lena ngenye yezindlela uNkulunkulu amvumela ngazo ukuthi akhule empilweni, njengoba abantu bemazi impilo yakhe yonke njengomculi nokunye okuthinta ukholo.
"Yindlela lena uNkulunkulu angithuma ngayo ukuthi ngifinyelele ebantwini bakhe, kusho ukukhula nakimi futhi ngingene nasezindaweni ezintsha, ngihlangane nabanye abantu. Ngiyathemba ukuthi ababukeli bazothatha isifundo kulokhu okwenzeke kimi bakujabulele ukuvuleka kweminye iminyango empilweni yabo, ngoba uNkulunkulu kwesinye isikhathi uke avule iminyango obungazitsheli ukuthi uyozibona ukuyo, kodwa uma unethemba kuyenzeka," kuchaza yena.
Uthe uyakholelwa ekutheni umculo, imidlalo nezinhlelo zethelevishini kunomsebenzi omkhulu wokukhulisa amaciko futhi kunamandla ekugqamiseni ithalente labantu abafuna libonakale nakwamanye amazwe.
Related Topics: