Ezokungcebeleka

Kuzokhunjulwa uMandoza noBrenda Fassie emcimbini wezinkanka eThekwini

Nokubongwa Phenyane|Published

UZOLA 7 ngomunye wabaculi abazonandisa emcimbini iSocial Link Old School eza eThekwini ngoDisemba 26

Image: Sigciniwe

KUZOKHUNJULWA uBrenda Fassie noMandoza emcimbini, i-Old Skool Picnic, okuzonandisa kuwo abaculi abakhipha ulozolo lwezingoma ngeminyaka yo-1990.

Ngalo mcimbi ozoba seMunies Hockey Club, eBerea, eThekwini ngoDisemba 26, kuhlelwe ukuthi kukhunjulwe izingqalabutho zabaculi abazakhela igama kudala abanye babo abasekhona namanje.

UZama Mkhize osethimbeni elihlela uo mcimbi uveze ukuthi babone kungcono ukuthi baqhamuke nento ehlukile nabaziyo kodwa ukuthi izojabulisa abantu abahlukene abathanda umculo.

KABELO Mabalane

Image: Instagram

"Sikhethe ukwenza umcimbi ofana nalona ngamaholidi kaKhisimusi ukukhumbula ibanga abalihambile nokujabulela umsebenzi omuhle owenziwa abaculi abadala, ababekhipha izingoma ezazishisa izikhotha ngalesi sikhathi. Kulo mcimbi sizohlanganisa abaculi ababecula umculo osuwaziwa nge-Old School Kwaito, House neRnB. Sifuna ukuhlanganisa imindeni ngalo mcimbi kanjalo nalabo abazobe beseThekwini bezochitha khona amaholidi," kusho uZama.

Uthe ngeke bagcine ngokuba nomculo kuphela kodwa kuzophinde kube khona nosomahlaya abazojabulisa izithameli.

"Kulo nyaka sikhethe ukuhlonipha uMandoza noBrenda Fassie abangasekho njengoba kuzodlalwa izingoma zabo sibonga umsebenzi abasenzela wona. Siyathemba ukuthi abantu bazophuma ngobuningi babo bazojabula nathi. Sifuna ukuthuthukisa umnotho wedolobha ngokwenza imicimbi yalolu hlobo futhi sivule amathuba omsebenzi ebantwini abahlukene, esizosebenzisana nabo," kusho uZama.

DJ Cndo

Image: SIGCINIWE

Kubaculi athe bazobe bekhona kubalwa uKabelo Mabalane, Mdu Masilela, Zola 7, Professor, DJ Bongs, DJ Cndo, DJ Chynaman, DJ HappyGal, DJ Nzwiri, DJ Siyanda neMalini.

Uhlelo uthe luzobe luphethwe uTha Simelane noSwazi M.

Uthe uMondli Mzizi uyena somahlaya oyobe ekhona ngalolu suku.

Amathikithi uthe ayatholakala eComputicket, kanti abadinga iVVIP bangaxhumana nabo emakhasini abo ezinkundleni zokuxhumana.

MDU Masilela

Image: SIGCINIWE