Ezokungcebeleka

Kuzolahleka inqwaba yemisebenzi kuvalwa iziteshi kwaMultichoice

Nokubongwa Phenyane|Published

Abalingisi bomdlalo iBlack Gold ongeminye osuqediwe njengoba kuvela izindaba zokuphela kwesiteshi iBET Africa

Image: Sigciniwe

KUZOSHAYA kuzwele kwabakuleli njengoba kuzophela amathuba omsebenzi ngokuqedwa kweziteshi ezine ezingaphansi kwenkampani iParamount.

Lokhu kulandela ukuthi inkampani yakwaMultiChoice, imemezele izindaba zokuthi ngoDisemba 31, kuyaphela ngeziteshi ezine okukhona kuzo ezithinta ngqo abantu bakuleli iBET Africa neMTV Base.

Lezi ziteshi zikhombisa imidlalo, izinhlelo kanye nomculo wakuleli kuphela.

Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi kule nkampani ukuthi izindaba zokuqedwa kwalezi ziteshi zifike zathusa abaningi njengoba bezingalindelekile.

"Kumangele wonke umuntu, njengoba izinguquko ezizokwenzeka lapha ngaphakathi kwaMultichoice zizolimaza abaningi, uma kuziwa emathubeni omsebenzi. Vele inkampani ibingenzi kahle, abantu beshiya ubuthaphuthaphu ngenxa yokuthi imali ayisekho. Okwenzeka manje kuzoshayela isipikili sokugcina," kusho umthombo.

Omunye umthombo okhulume nozakwabo weSolezwe i-IOL, uveze ukuthi abalingisi bomdlalo iBlack Gold, okungakapheli ngisho izinyanga eziyisithupha ukhonjiswa, basale beshaqekile bezwa izindaba zokuvalwa kwesiteshi.

"Batshelwe ukuthi abayeke ukuqopha ngokushesha, kwase kuvezwa izindaba zokuthi kusuka ngoDisemba 22,  lo mdlalo usuzokhonjiswa iziqephu ezimbili ngosuku ukuze zisheshe ziqedwe lezi ebesezikhona, nezizophela ekupheleni kwenyanga sekuvalwa isiteshi," kusho umthombo. 

I-Multichoice esitatimendeni esikhiphele abezindaba iveze ukuthi ezinye iziteshi ezingaphansi kwale nkampani zopopayi zona ngeke zithikamezeke.

"Amakhasimende ethu angaqhubeka ajabulele ezinye iziteshi zethu zaphesheya kwezilwandle okukhona kuzo ezopopayi iNickelodeon, NickToons, Nick Jr, Comedy Central neMTV. Siyabonga kakhulu enkampanini iParamount ngobudlelwano esibe nabo obuhle kule minyaka sisebenzisana, siyathemba buzoqhubeka kahle eziteshini ezisele. 

Kwenzeka lokhu nje, inkampani yakwaMultiChoice idonsa kanzima kusuka ngasekuqaleni kuka-2023 njengoba yalahlekelwa abantu abangu-2.8 million abakhokhela iziteshi ezikhonjiswa yile nkampani.

Kwavela ukuthi iMultichoice bangu-17.3 million abantu abakade bekhokhela ukubuka iziteshi ezihlukene zayo kodwa manje bangu-14.5 million.

Inkampani entsha yaseFrance, ephethe iMultiChoice manje yiGroupe Canal+, iveze ukuthi iMultiChoice ayenzi kahle ekuletheni inzuzo kule minyaka edlule. 

Iveze ukuthi iMultiChoice ibingehlelwa nje yizibalo zabakhokhela ukubuka iziteshi zabo kodwa nezinye izinto ezimqoka ezingenisa imali nazo bezingenzi kahle.

I-MultiChoice iphinde yaveza ezinye izindaba ezishaqise abaningi ukuthi isezingxoxweni nezilamani zakaWarner, ezinenkampani iWarner Bros ngeziteshi abanazo ngaphansi kwabo.

Bathe izingxoxo zabo sezikuvuthondaba nokungaholela ekutheni uma kungabi nesivumelwano bathathe isinqumo sokunqamula iziteshi zeWarner Bros ezingu-12, ngoDisemba 31.

Eziteshini ezingase zivalwe kubalwa iDiscovery Channel, CNN International, TLC, Discovery Family, Real Time, TNT Africa, Food Network, HGTV, Investigation Discovery, Cartoon Network, Cartoonito neTravel Channel.