UMZANSI Magic usuveze ukuthi uzokhombisa iziqephu ezinhlanu ezingakaze zivezwe zohlelo Uthando Nes'thembu kusuka ngoDisemba 5
Image: Sithunyelwe
BAZONGENA kuKhisimusi bejabule abalandeli bohlelo olubheka umndeni wakwaMseleku, njengoba iMzansi Magic iveze ukuthi izokhombisa iziqephu ezingu-6 zalolu hlelo kusuka ngoDisemba 5 ngo-8 ebusuku.
Lezi ziqephu eziyisipesheli zizokwaziwa ngokuthi Uthando neS’thembu: Uncut.
Kuzona kuzoqhubeka kuvela izingqinamba zalo mndeni ezithinta amakhosikazi kaMusa Mseleku okukhona kuwo uMaCele, uMaYeni, uMaKhumalo, uMaNgwabe noMaKhwela.
AbeMzansi Magic bathe isiqephu ngasinye sizoveza indlela abesifazane abazizwa ngayo ngokuqhubeka kwenziwa umyeni wabo abanye okungabaphethe kahle.
"Kuzovela izingxoxo zangempela ezingakaze zibonakale njengoba isiqephu ngasinye sizogxila emizweni kaMaYeni alokhu eyivezile okhipha iqiniso lodwa ngendlela azizwa ngayo. Okunye okuzogqama wukuqhubeka nokungabi kuhle kobudlelwane bukaMusa noMaKhumalo njengoba kuyinto elokhuiqhubeka, futhi kuzoba khona nokungaboni ngaso linye okulokhu kuya ngokushuba phakathi kwamakhosikazi ewodwa." kuchaza isiteshi.
Bathe yize lolu hlelo selukhombise amasizini angu-8 futhi luyintandokazi kwabaningi, bakhethe ukwenza iziqephu zalolu hlobo abazenzele uDisemba.
Kwenzeka lokhu nje bese kuvelile ukuthi lo mndeni usuqalile ukuqopha isizini entsha yalolu hlelo, okulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa ngoJanuwari.
Related Topics: