UTHAPELO Mokoena ngomunye wabalingisi bomdlalo iPimville ozokhonjiswa kwiSABC2 ngonyaka ozayo
Image: Sithunyelwe
UGCINE umenyezelwe umdlalo obese kuphele isikhathi esingangonyaka kwavela ukuthi uza kwiSABC2 njengoba uzovala isikhala seMuvhango.
Umdlalo iPimville nobophele izinkakha zabalingisi uzoqala ukukhonjiswa kwiSABC2, kusuka ngoFebhuwari 9, ngo-9 ebusuku
Lo mdlalo ozoba wuchungechunge uqoshwe yinkampani iBakwena Production kaKagiso Modupe oke waba nezinkinga nesiteshi sakwaBET, ngenxa yezinselelo zezezimali okwaholela ekutheni abalingisi bangabe besahola.
U-GAIL Mabalane noMondli Makhoba nabo abayingxenye yalo mdlalo
Image: Sithunyelwe
URashaka Muofhe onguphrojusa walo mdlalo ufanise iPimville nencwadi yothando ekhuluma ngezinto ezahlukene ezithinta impilo yaselokishini.
"Umdlalo uzovela sengathi uqoshelwe eSoweto kanti uzogqamisa izingqinamba, ubumandi nakho konke okwenzeka emalokishini esiwakhele. Sifune ukwenza umdlalo ongajabulisi nje ababukeli bawo kodwa ozoveza impilo ewubuhle, amandla nokubumbana kwabantu emiphakathini yethu. Ukuletha udaba oluzoxoxwa yilo mdlalo kwiSABC2 kusenze sajabula kakhulu." kusho uRashaka.
UDichaba Phalatse wakaSABC uthe njengesiteshi bazinikele ekuxoxeni izindaba ezithinta abantu njengoba lona kungewona nje umdlalo owuchungechunge kodwa ozoba yisibuko emphakathini. Uthe uzoveza ubunzima, amaphupho nezifiso abantu abanazo.
"Siyakholelwa ekutheni uzothinta abaningi ngenxa yokuthi uzobe uveza okwenzakayo empilweni yabo nsuku zonke," kuchaza yena.
Kubalingisi abazobonakala kulo mdlalo, kubalwa uGail Mabalane, Matli Mohapeloa, Thapelo Mokoena, Keke Mphuthi, Mondli Makhoba, Michelle Mosalakae, Clementine Mosimane, Lillian Dube nabanye.
Related Topics: