UMLINGISI, uMnqobi Duma, oseveze ukungenami ngokuvezwa kwezithombe zakhe emdlalweni iGenerations: The Legacy
Image: Facebook
UMLINGISI ophinde abe ngumculi, uMnqobi Duma, usekhiphe intukuthelo yakhe ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi umdlalo iGenerations: The Legacy uveze isithombe sakhe kulo mdlalo bengaxhumananga naye yize sekuphele iminyaka engu-7, ashiya kuwo.
Uthe lokhu okwenziwe kuye kufana nokumxhaphaza njengoba bekwenze bengavumelene.
UMnqobi wengoma eyaduma ezinkundleni zokuxhumana ethi Umsindo, waqala ukuba yingxenye yalo mdlalo ngo-2016, elingisa indawo kaFana Mabaso, oyindodana kaJack Mabaso (Vusi Kunene).
Uthe uthuke kabi kamuva ebona kusetshenziswa izithombe zakhe, sekuphele iminyaka engaka bengasebenzisani.
"Sekuyiminyaka ngashiya kulo mdlalo kodwa sengizwa kuthiwa bakhombisa izithombe zami kuwo. Abakaze bakhulume nami, abangikhokheli ngokwenza lokhu ngakho ngifuna wonke umuntu azi ukuthi kungakanani ukuxhashazwa okwenzekayo kuleli. Umdlalo omkhulu lona kodwa okubenza basakaze izithombe zami angikwazi," kusho uMnqobi.
Uthe lokhu kuphinde kugqamise indlela engekho kahle yokuxhumana phakathi kwabantu abasendimeni yobuciko.
"Uma bekukhona abakufunayo, kumele ngabe bakhuluma nami bayeke ukuba amagwala baveze izithombe zami mina ngingazi ngalokho abakwenzayo. Ngeke ukwazi ukusebenzisa izithombe zomuntu ngemuva kweminyaka nagcina ukusebenzisana. Sike saba nale ngxoxo nemenenja yami eminyakeni emibili edlule. Njengoba benza okufanayo singavumelene, ngiyazi ukuthi uma kungathiwa bayaziphendulela manje bazothi saba nenkontileka, lokhu okwenzekayo kwakubhaliwe kuyo kodwa uma kusetshenzwa kuningi abangakwenzi okuhambelana nenkontileka," kuchaza yena.
Uveze ukuthi kulo mdlalo uma kukhona isithombe abafuna ukusiveza bebengasebenzisa esomunye umuntu noma esikaJack esemncane ukuze kubukeke ngathi yindodana yakhe.
Uthe uma besamdinga kulo mdlalo ngabe bayambiza azoqhubeka nokuba yingxenye yawo bamkhokhele, bayeke ukwenza abangavumelene ngakho.
"Bayangidelela ngoba ngeke bangikhokhele, ikhono lami leli nokusebenza kwami kanzima, kuyacaca muhle umsebenzi engawenza kulo mdlalo njengoba besaqhubeka bengisebenzisa kodwa bengangikhokheli."
Related Topics: