Ezokungcebeleka

Udonse amehlo umcimbi kaNcam'zozo ozakhele igama kwiTik Tok

Nokubongwa Phenyane|Published

UBELOKHU ekhale njalo ngenxa yenjabulo uNcami - ophakathi - okume nse yonke into ngoMgqibelo, kubungaza usuku lwakhe lokuzalwa njengoba engowesifazane ohlale eqhulula amahlaya enkundleni iTikTok

Image: Facebook

KUBONGWE intokazi esencane yaseNtuzuma, eyenza u-matric, u-Asa, ngokusiza owesifazane owumakhelwane wakhe, ngokuhlala enaye, beshutha ama-video bewaphanyeke enkundleni iTik Tok, neyenze waduma kuleli.

UNcami Mwandla uyintandokazi kwabaningi kule nkundla njengoba ama-video akhe egcwele amahlaya, umdanso, nokudla okungajwayelekile akuphekayo esebenzisa umango.

Kusuka ekuqaleni kwale nyanga, u-Asa uveze ukuthi uNcami uyazalwa futhi ufisa ukumenzela usuku lwakhe kube ngolubalulekile, njengoba isimo sakhe siphinde singabi sihle.

UBUNGAFUNGA ukuthi idili lomculo elikhulu kwaMax eMlaza, njengoba bekubungazwa usuku lokuzalwa lukaNcami

Image: Facebook

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bahlangane bathi bazosiza le ntombazane ukuthi kufezeke iphupho layo.

Babe sebeqala benikela ngemali, izimpahla, ukudla, abanye bathi bazoyibhakela ikhekhe losuku lokuzalwa, ingubo abeyigqokile nokunye.

Isasasa libe likhulu kubathandi bakaNcami abahlangane bathi ngalolu suku bazogqoka ngendlela ajwayele ukubonakala eyiyona ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mcimbi obukwaMax's Lifestyle ngoMgqibelo, lapho kume yonke into kwa-V, eMlaza, njengoba abantu betheleke ngobuningi babo ungafunga ukuthi kubanjwe ikhonsathi elibophele izihlabani ezinkulu kuleli.

UNcami ufike ehamba ngemoto iBMW, eswenke econsa nokuthe uma edilika emotweni wahanjiswa okwesikhulu thizeni njengoba bekukhona izigora ebezimvikela ekutheni abantu bangamphazamisi.

Ekhuluma ngendlela azizwa ngayo, uNcami ubonge u-Asa ngokumkhombisa uthando, wathi nabo bonke abenze usuku lwakhe lwaba olubalulekile uhluleka nokuchaza indlela azizwa ngayo.

"Usuku lwami lokuzalwa belungoNovemba 13, kodwa khane silugubha namhlanje, ngiyabonga kuwona wonke umuntu ophumile njengoba sikhethe ukuthi sibungaze namhlanje wonke umuntu ekhona, bengayile emsebenzini. Ngijabule kukhona ngisho umama wami, entsheni ngiyacela ukuthi iyeke ukubhema izidakamizwa, igxile ezintweni zabuciko, ibhale izingoma, iqophe izikeshi," kusho uNcami.

Ezinkundleni zokuxhumana kubongwe u-Asa ngokukhombisa uNcami uthando njengoba beke bemveze bemqoqela endlini yakhe, bemusa emtholampilo nokunye.

Kulo mcimbi kunandise abaculi abahlukene okukhona kubo namaQwabe Twins.